Ezintsha

UBilliat uphendula eyokubuyela kwiPSL

Umgadli waseZimbabwe, uKhama Billiat, akakalilahli ithemba ngokubuyela kwiPremier Soccer League (PSL) kuleli.

UBilliat, oneminyaka engu-34, ubuyele kwelakubo ngesizini edlule ngemuva kokushiya iKaizer Chiefs.

Ubekade esehlale iminyaka engu-13 edlala ebholeni laseNingizimu Afrika. UBilliat unqobe zonke izicoco zakuleli, neCaf Champions League neCaf Super Cup ngesikhathi ekwiSundowns.

Ukubuyeka kwakhe ngakubo, la afike wajoyina khona iYadah FC, kwabanye kubukeke ngokuthi kusho ukuphela kwakhe ebholeni. 

Nokho ufike wabuyela efomini yakhe, waze wacelwa ukuthi abuyele naseqenjini lesizwe leZimbabwe, iWarriors. 

Njengamanje kunamahlebezi okuthi kunamaqembu ePSL alokhu amlandela ngenhloso yokumnxenxa ukuthi abuyele kuleli.

“Ngikubuka ngokuthi yinto enhle leyo,” usho kanje uBilliat ekhuluma nabe-iDiski Times kuleli sonto. 

“Uyazi, singabadlali, sihlezi sifuna ukubona ukuthi imizamo yethu iyabonakala. 

“Futhi ngiyabonga ngempela futhi, ja, kungenza ngizizwe sengiphinde ngaba umfana omncane.

“Ebholeni ngeke wazi kuzokwenzekani. Okwamanje ngifuna ukugxila kwiligi yalapha ekhaya. 

“Sisele nemidlalo emihlanu… Ngifuna ukubona ukuthi singahamba ibanga elingakanani. 

“Ngizobe sengihlala phansi ngibheke, uma kukhona. Kodwa uma kunentshisekelo ekhona, awukwazi ukunqaba…”