Carling Knockout CupEzintsha

IRichards Bay iyaqhubeka nokumela iKZN kwiCarling

Idlule sekunzima, sekunguwafa-wafa wamaphenathi iRichards Bay kwiCarling Knockout, ihlula iCape Town City ngo 5-4. 

Umdlalo, obuseKing Zwelithini Stadium ngoMgqibelo ntambama, uphele zibambene ngo 0-0 njengoba amathuba okushaya amagoli abeyivelakancane.

Nasesikhathini esengeziwe igoli alivelanga yize khona ekhona amathuba angcono avelile, umdlalo waze wayoqedelwa phansi kwepali. 

Kulapho ke iCity igeje amabili, iRichards Bay yawunqoba lo mdlalo, yaba yiqembu lokuqala ukungena kweyandulela owamanqamu. 

Leli qembu likaBrandon Truter yilo lodwa emaqenjini aKwaZulu-Natal elisasele kulo mqhudelwano futhi manje selingaqala licabange ngokufika kowamanqamu. 

Uma kwenzeka lokho, kuyobe kungokokuqala leli qembu lifika kowamanqamu, kanti lokho kungaba yimpumelelo enkulu kulo.

Phela kuzokhumbuleka ukuthi isizini edlule iphele kade libambe ingubo ngamazinyo, lasinda kwesyokuhlunga ezembeni.