UMngqithi akakuxwayi ukujaha iBucs, uyakuncamela
- Sibongiseni GUMBI
Ukuba semaqenjini ajahayo embangweni wesicoco seligi yinto iMamelodi Sundowns engasayijwayele, kodwa umqeqeshi uManqoba Mngqithi ubona kukuhle lokho.
ISundowns njengamanje isendaweni yesibili la ilandela khona i-Orlando Pirates eyishiya ngamaphuzu amathathu.
EzikaMngqithi zisalele emuva ngempelasonto kulandela ukuguqiswa yiPolokwane City, kodwa zavuka zazithatha zishaya iCape Town City ngoLwesithathu.
Ngemuva kwemidlalo emihlanu, iSundowns inamaphuzu angu-12 kodwa lokhu akumqedeli ubuthongo uMngqithi.
“Mina ngokwami ngiyakuncamela ukujaha ngoba kukwenza uhlezi unento oyilwelayo…
“Thina sesijahwe kakhulu,” kusho uMngqithi okwisizini yakhe yokuqala eqeqesha ngokuzimela kuleli qembu.
“Kodwa uma uphezulu, uhlezi ugade ukuthi ungaqhuzuki. Ngakho mina ngibona kungcono ukujaha.”
Ngesikhathi iSundowns kuyiyo ejahwayo, ayizange iqhuzuke futhi isisidle amahlandla ayisikhombisa kulandelana isicoco.
Kulokhu uMngqithi ubona umbango uzovuleleka njengoba kungeyona iPirates kuphela evuke emqandeni kodwa namanye amaqembu elwa.
Emaqenjini aphezulu njengamanje kukhona iPolokwane City esendaweni yesithathu, iSekhukhune United kweyesine, neChippa United ekweyesihlanu.
“Ukukhuluma iqiniso nje, emidlalweni emine, emihlanu noma eyisithupha yokuqala kwesizini, kwenzeka okufanayo.
“Phambilini, sengike ngabona iGolden Arrows iphezulu, ngibone namanye amaqembu ehlukene ezihola phambili emidlalweni eyishumi yokuqala.
“Kuzoba mnandi ukubona ukuthi le sizini izohamba kanjani. Enginesiqiniseko ngakho wukuthi kumnandi ukubona emaningi amaqembu alwayo.
“Kuhle ukubona iPolokwane City, iStellenbosch, iMagesi… Kuhle ukubona amaqembu amaningi ebangisana namakhulu.
“Kimi lokho kuhle njengoba kuzosiqinisa ukuze sifike kwiChampions League sisezingeni, kuhle ukudlala imidlalo enzima masonto onke.
“Ngiyawuncoma umsebenzi owenziwa abaqeqeshi ukuqinisekisa ukuthi ayikho imidlalo elula kule ligi.
“Ngiyakuthanda ngampela lokho. Kuzosisiza sonke, ikakhulukazi thina ne-Orlando Pirates kwiChampions League.”