UKekana weluleka uBongani Zungu ngekusasa
- Sibongiseni GUMBI
Ikusasa likaBongani Zungu ebholeni libukeka lifiphala njengoba eseqeda izinyanga ezinhlanu engadlali ezingeni elikhokhelayo.
UZungu udedelwe yiMamelodi Sundowns abesedlale kuyo amasizini amathathu ngoJuni.
Uke wabuyela phesheya la kuthiwa ubezama khona iqembu, kodwa wabuye waya nakwiWydad Athletic eqeqeshwa uRulani Mokwena eMorocco.
Nakhona akuzange kumlungele yize ebesezicije neqembu amasonto amabili. Kuthe uma enganikwa inkontileka, wabe esebuyela kuleli.
Ngethalente namava anawo, uZungu akumele ngabe uliswele iqembu. Manje uHlompho Kekana, ake wadlala naye kwiSundowns, uyamcebisa ngokumele akwenze.
“Ngikholwa wukuthi maningi amaqembu amdingayo. Maningi amaqembu engikholwa wukuthi ayasidinga isipiliyoni sakhe,” kusho uKekana.
Ubekhuluma ohlelweni lweSABC 1, iSoccerzone la asengumhlaziyi khona. Lolu hlelo ludlala njalo ngoMsombuluko.
“Bengizothi iKaizer Chiefs iyamdinga, kodwa njengoba engadlalile kulezi zinyanga eziyisithupha ezidlule, angicabagi ukuthi engafitha kuyo njengamanje.
“Akhona amanye amaqembu angangena khaxa kuwo, njengePolokwane City la angafike akwazi ukuzivuselela khona.”
Uthe uZungu kumele athathe isibonelo kuXola Mlambo obesehlale isikhathi eside engenaqembu, kwaze kwaba uthathwa yiMarumo Gallants.
“Ngiyambona nangu uXola Mlambo ubesehlale iminyaka emibili engadlali, usebuyile kwiMarumo Gallants futhi uzama ukuvuselela ibhola lakhe.
“Ngicabanga ukuthi noZungu kumele athathisele kulokho, bese ezama ukubuyela ebholeni lakhe.”