Usezinikele oweSekhukhune obe sengozini ebulale ingane
- Intatheli yeLISENETHINI
Umdlali weSekhukhune United, uShaune Mogaila, usezinikele emaphoyiseni ngemuva kokubaleka endaweni yengozi yemoto ngoLwesithathu ekuseni.
Kule ngozi, imoto kaMogaila eshayisane kuyo nenye eTembisa, kushone intombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye.
Okhulumela amaphoyisa kamasipala waseEkurhuleni, uThabiso Makgato, ukuqinisekisile ukuthi umsolwa, oneminyaka engu-29 usezinikele emaphoyiseni esiteshini saseRabie Ridge.
Kuthiwa uMogaila yena uphume nemihuzukwana esiphongweni ngemuva kwal engozi.
Unina wentombazane eshonile nomakhelwane oneminyaka engu-13 ubudala baphuthunyiswe esibhedlela belimele kanzima.
Ngesikhathi kwenzeka ingozi, lona wesifazane ubehambisa lezi zingane esikoleni ngesikhathi iHyundai Grand i10 yakhe ishayisana neBMW kaMogaila ngezithuba zabo-7.30 ekuseni.
UMakgato uthe ingane encane ificwe endaweni yesigameko seyivele ishonile kwathi unina nalena enye ingane baphuthunyiswa esibhedlela saseTembisa belimele kanzima.
UMogaila ubalekile endaweni yesigameko ngemuva kwengozi kodwa abayibonile le ngozi bese bembonile ukuthi uyena.
UMakgato uthe ngesikhathi amaphoyisa kamasipala efika endaweni yengozi athole amabhodlela amane otshwala obunamandla “iDon Julio” emotweni kaMogaila.
“Bekukhona nephakethe lempushana emhlophe esisola ukuthi kungaba yisidkamizwa i-cocaine,” kusho uMakgato.
“Kutholakale nezinye izinto eziyimikhiqizo ethakwe ngensangu emotweni yakhe.
“Livuliwe icala lokubulala ngokungenhloso, ukushayela budedengu nokubaleka endaweni yengozi.”
UMogaila ubekade ekhona eqenjini leSekhukhune elidlale futhi lashaya iRichards Bay ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.