EzintshaOrlando Pirates

URiveiro uchazwa wukunqoba noma bengadlali kahle

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosé Riveiro, ujabule ngokuthi iqembu lakhe lisheshe langena egiyeni emidlalweni yeBetway Premiership kulokhu. 

IPirates ihlezi phezulu kwilogi, okuyinto uRiveiro athi ubeyifisa nakulamasizini amabili edlule.

IPirates inqobe okwesithupha kule sizini, ihlula iTS Galaxy ngo 2-0 eMbombela Stadium ngoLwesibili ebusuku. 

Abadlali basesiswini uThalente Mbatha noRelebohile Mofokeng yibo abashaye amagoli asize iPirates yaba namaphuzu angu-18 emidlalweni eyisithupha.

Ngemuva komdlalo, uRiveiro uvumile ukuthi iGalaxy idlale kangcono kunabo kulo mdlalo, kodwa wazwakalisa ukwaneliseka ngokunqoba nokusebenza kweqembu lakhe kule sizini.

“Kunezinto eziningi okufanele zilungiswe. Njenganamuhla, besingengcono kuneGalaxy,” kusho uRiveiro. 

“Bekunezikhawu zomdlalo la besenza kahle khona. Kodwa sikwazile ngokuhamba komdlalo ukukhuphula amasokisi ethu.

“Besibhekene nabantu abebesiphusha ngendlela emangalisayo ngesikhathi lapho besidonsa kanzima kancane. 

 “Ngokusebenzisana, sikwazile ukuba nesiqalo esihle kule sizini, into ebesiyizama (kumasizini) amabili adlule. 

“Ngakho-ke, manje sekuyisikhathi sokuthola lapho kusamele senze khona izinto kangcono. 

“Yinto yakhona ebholeni (ukuhlezi ulwela ukuba ngcono) kodwa sisenze umsebenzi omuhle njengoba kuqala isizini,” kwengeza lo mqeqeshi. 

IPirates seyinamaphuzu angu-18 njengoba iyinqobe yonke imidlalo yayo, ishiya iMamelodi Sundowns ngamaphuzu ayisithupha. 

Kodwa labo mpetha abavikela isicoco nokho banganciphisa leli gebe libe ngelamaphuzu amathathu uma behlula iCape Town City eLoftus Stadium ngoLwesithathu. 

Umdlalo olandelayo wePirates uzoba sekhaya e-Orlando Stadium la izobhekana khona neRichards Bay FC ekhombise ukuba yiqembu eliyinika inkinga kumasizini edlule.