Ezintsha

Umdlali wePSL ecaleni elibi kufa ingane engozini yemoto

Amaphoyisa aseqale uphenyo futhi athungatha umsolwa okusolakala ukuthi ungumdlali webhola elikhokhelayo ngokufa kwengane eneminyaka eyishiyagalolunye eTembisa, eGoli. 

Kuvela ukuthi umsolwa kuleli cala ngumdlali welinye lamaqembu ePremier Soccer League (PSL) kanti kuthe uma kwenzeka ingozi, waphuma wabaleka. 

Kuthiwa le ngane yentombazane beyihamba nonina emotweni yabo, eyisa esikoleni ngesikhathi kwenzeka le ngozi ngoLwesithathu ekuseni. 

Le ngozi yenzeke emgwaqeni u-Andrew Maphetho Drive eTembisa kanti kuvela ukuthi lo mdlali owakuleli lokishi ngokuzalwa futhi iqembu lakhe belidlala ngoLwesibili ebusuku. 

Yize kungakaqinisekiswa, iLisenethini isithole ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-29 ubebuya ekhempini yeqembu ngesikhathi kwenzeka le ngozi. 

Kuthiwa emotweni yakhe kutholakale amabhodlela otshwala nezinye izidakamizwa eziqinile kanti amaphoyisa aseqale uphenyo.

Kuphenywa icala lokubulala ngokungenhloso, ukushayela budedengu nokubaleka endaweni yengozi. 

Ngenxa yokuthi wudaba olubucayi, ngeke simdalule okwamanje lo mdlali.