UKopo usola umsizi kanompempe ngokucwasa
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi weChippa United, uKwanele Kopo, usole umsizi kanompempe ngokukhipha amagama acwasayo kwabokufika.
Lokhu kwenzeke emdlalweni weBetway Premiership la iChippa ishaywe khona AmaZulu FC ngo 2-0 eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Lo mdlalo ube nezidubedube ezimangazayo. Esinye sazo kube wukukhishwa kuka-Abubaker Mobara ngekhadi elibomvu esebhentshini.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi eshaye umdlali weChippa ngebhola ngamabomu kade kubangwa ukulinyazwa kowaMaZulu.
Esinye sivele ngemuva komdlalo ngoKopo othe ukhathazekile ngakuzwe kushiwo wumsizi kanompempe.
Uthe umgadli wakhe, uBienvenu Eva Nga ubekhalaza kulo msizi kanompempe uKamohelo Ramutsindela ngokuthi ezinye izinto akaziboni, wabe esephendulwa kabi.
“Ngasekuqaleni komdlalo ngaphambi nje kokuba u-Eva athole ikhadi eliphuzi, umsizi kanompempe uthe kuye, ‘wena ukhuluma kakhulu ngizokuthola’.
“Ngemuva kwemizuzwana engu-30 u-Eva uthole ikhadi eliphuzi,” kuchaza uKopo kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Mina uma ngingasongela unompempe, ngingakhishwa ngekhadi elibomvu.
“Ngitshele uThando Ndzandzeka (obengunompempe kulo mdlalo) ukuthi, ‘lokhu okwenzayo akulungile’.
“Ngikusholeni lokho? Ekuqaleni komdlalo u-Ighodaro udlalise kabi umdlali wethu, emchiliza ngendololwane akangasho lutho kuye futhi akangamhlawulisa.”
Uthe ngokuqhubeka komdlalo kube nesinye isixakaxaka wabona u-Eva Nga esehamba nomsizi kanompempe futhi esakhalaza.
Uzame ukungena phakathi kwabo ebalamula. Lo msizi kanompempe ube esethi kwiphini lami (uThabo September), ‘mbuze ukuthi usekhohliwe yini ukuthi owakuphi, kusezweni lami la kumele angihloniphe’.
“Le nkulumo inokucwasa abokufika. Ngeke sikwamukele futhi sikuvumele lokho ebholeni lethu. Ngeke sikwazi ukukumela, hhayi ebholeni nje kuphela kodwa nasemphakathini.”
UKopo uphinde wazwakalisa ukukhathazeka ngokungabi nendlela la onompempe beziphendulela ngezenzo zabo.
“Okubuhlungu wukuthi uma usho noma yini kubona, banawo wonke amandla.
“Uma usho noma yini kubona bakutshela ukuthi, ‘ngizokukhipha manje’,” kwengeza uKopo.
“Manje, sibhekana kanjani nesimo lapho unompempe ogunyazwe yiFifa ethi kumdlali waseCameroon, ‘Uphuma kuliphi izwe? Leli yizwe lami, kumele ungihloniphe’.”
UKopo wake wasola nomqeqeshi we-Orlando Pirates ukuthi wakhuluma amazwi alumelayo anenhlese yokucwasa ngesizini edlule.
Kodwa wabuye wakuhoxisa lokho, ethi kube wukungazwani kahle ngenxa yokwehluka kwezilimi.