Okwenze u-Erasmus ahambe engavalelisanga kwiSpurs
- Intatheli yeLISENETHINI
Owayengumgadli we-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, uKermit Erasmus, usaqhubeka nokuthungatha iqembu elisha.
Lokhu kulandela ukuthi izinhlelo zokujoyina iCape Town Spurs zingaphumelelanga kulandela ukungazwani nabaphathi ngokuthile.
Lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala uziqeqeshe naleli qembu leMotsepe Foundation Championship amasonto ambalwa.
Inhloso bekuwukuthi azigcine efithi, bese nabaqeqeshi beqembu, abaholwa u-Ernst Middendorp babone ukuthi ngeke yini abe wusizo.
Yize uMiddendorp efake isicelo kubaphathi ukuthi bamsayine lo mgadli onamava futhi nabo bakhombisa intshisekelo yokumsayina u-Erasmus, kugcine kungenzekanga.
Kuvela ukuthi abaphathi bakubone kuphezulu kakhulu obekufunwa yilo mdlali kubo, kwagcina kungavunyalwenanga.
UMiddendorp usanda kucashunwa eveza ukuthi yena ubengathanda ukwengeza lo mgadli eqenjini lakhe, kodwa akazi kwenzekeni.
Uthe u-Erasmus uvele wanyamalala nje engazange esavalelisa kubo njengethimba labaqeqeshi noma kwabanye abadlali abejima nabo.
Selokhu elaxazwe yi-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini ka-2023/24, u-Erasmus usemataniswe namakilabhu amaningi, okuhlanganisa nokubuyela kwiCape Town City.
Nokho okwamanje usazoqhubeka nokuzicija ngayedwana ukuze uma kuvela elinye iqembu elizimisele ngaye afike kulo esesimweni esifanele.
Akuyena ke yedwa umdlali onamava kodwa osephenduke inukani emaqenini ePSL.
Kukhona nabanye okukhona kubo uSamir Nurkovic, uKeagan Dolly, uBongani Zungu, uLuvuyo Memela, noThamsanqa Gabuza phakathi kwabanye.
Nokho okuhle ngabo wukuthi bengasayinwa noma kunini, akudingeki kulindwe iwindi lokusayina abadlali ngoba bavele abanankontileka ndawo.