Carling Knockout CupEzintsha

Kunconywa uMbule ngakwenze ngesheke leCarling Cup

Zibukeka zimhambela kahle izinto uSipho Mbule oseqale ibhola lakhe kabusha kwiSekhukhune United.

UMbule ukuleli qembu ngokubolekwa njengoba esenenkontileka neMamelodi Sundowns. 

Ngemuva kokuhlala isikhathi eside engadlaliswa kwiSundowns, uMbule usebuyele efomini yakhe kwiBabina Noko. 

Usebuyiselwe naseqenjini lesizwe iBafana Bafana njengoba ekhona esikwatini sabadlali abangu-38 okuzoqokwa kubo abazodlala eyokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations ngenyanga ezayo.

NWaqokwa njengomdlali ovelele emdlalweni weCalring Knockout yize begcine bewashiswe ijezi yiRichards Bay.

Ngale ndondo, ulale no-R100 000. Le ndondo umdlali uyithola ngokuvotelwa abalandeli. 

Nokho okuhlabe umqeqeshi wakhe, uLehlohonolo Seema kakhulu ukwedlula ukuthi udlala kahle enkundleni, akwenze ngalo R100 000 awuwinile.

“Wenze into ekhombisa ngokusobala ukuthi ungumuntu onjani,” uSeema usho kanje kwabezindaba ngemuva komdlalo wangoLwesibili. 

“Unikwe indondo yokuba umdlali ovelele kwiCarling Cup, wagcina u-R50 000, omunye u-R50 000 wathi ozakwabo abahlukaniselane wona.” 

UMbule uphinde wadlala kahle emdlalweni wangoLwesibili la iSekhukhune iziphindiselele khona kwiRichards Bay iyishaya ngo 2-0. 

UMbule ushaye igoli elihle kulo mdlalo, okube yishodi elidle utshani alidonse ekude nepali.  

“Kukhona lento ekhona kuye. Uyazazi ukuthi uyingxenye yeqembu,” kuqhuba uSeema. 

“Wemukelwa kahle ngabanye abadlali nethimba labaqeqeshi futhi manje usehlukaniselane le mali nozakwabo. 

“Uyicaze kahle akangakhetha ukuthi unika abadlalile bodwa, kodwa nabangadlalanga bayitholile.

“Yingakho izinto zimvuna nje. Uyadlala, ubukeka ejabule futhi ushaya namagoli. 

“Akakafiki ezingeni esimfuna kulo, kodwa usendleleni ekahle. Lento ayenzile izomusa kude empilweni.

“Futhi uma eqhubeka kanje, uzoba yingxenye ebalulekile yeqembu kwiSekhukhune,” kwengeza uSeema.