Ithemba kuNabi ngoBlom ‘osebuyela esimweni’
- Sibongiseni GUMBI
Njengoba u-Edson Castillo ezongadlali isikhathi eside, umqeqeshi weKaizer Chiefs kuzomele abheke kwabanye abadlali ukuvala isikhala.
UCastillo ulimale ngesikhathi iChiefs ibhekene neSuperSport United emdlalweni weBetway Premiership ngempelasonto edlule.
Ulimala nje ubeseqala ukubuyela efomini, futhi ebukeka engomunye wabadlali umqeqeshi uNasreddine Nabi akhela phezu kwabo iqembu lakhe.
UCastillo ubebuyele eqenjini edla indawo kakaputeni uYusuf Maart. Cishe kusobala ukuthi nguye uMaart ozobuyela ekuqaleni imidlalo.
Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, kungenzeka aphinde azithole esebhentshini, ikakhulukazi uma uNjabulo Blom esefithi ngokwanele.
UNabi uthe into esenza uBlom, obolekiswe yiSt Louis FC yase-US kwiChiefs, angaqali imidlalo okwamanje wukuthi akekho esimweni.
“NgoBlom, sekushoda ukuthi abe fithi, okuyinto alokhu eba ngcono kuyo kusukela efikile lapha,” kusho uNabi.
“Sekuyabonakala ukuthi useyabuyela esimweni. Ungumdlali esikholwa wukuthi engasisiza ngoba unamava.”
Abanye abadlali uNabi angabheka kubo ekuvaleni esikaCastillo ngoSibongiseni Mthethwa noGeorge Matlou osanda kwelulama ekulimaleni.
Ukuthi uzoqoka ukuqala ngobani uNabi sekuzocaca emdlalweni olandelayo, ongoLwesithathu la iChiefs izobhekana khona neMagesi FC.