Sekukhona abangisa iPirates kumgadli weleChampionship
- Intatheli yeLISENETHINI
I-Orlando Pirates isamqaphe ngelokhozi umgadli weqembu elidlala kwiMotsepe Foundation Championship, kanti sekunamanye amaqembu aseyibangisa.
Kubikwa ukuthi iPirates ike yacabanga ukumsayina kule sizini lo mgadli, uMuzomuhle Khanyi okumanje usemabhukwini eHungry Lions.
Kodwa ibuye yanquma ukumyeka adlale enye isizini kwiChampionship ukuze izinhloli zayo zizenelise ngaye.
Kodwa manje ngokubika kweSNL24, sekukhona amanye amaqembu angase amhlwithe uma ngabe iPirates isabhala icisha.
Kucashunwe umthombo uveza ukuthi sekukhona amanye amaqembu adlala esigabeni esiphezulu aseqalile ukubuza ngoKhanye.
Lo mgadli oneminyaka engu-25 ubudala usaqhubeka nokushaya amagoli kule sizini, kanti ngempelasonto ushaye amabili bebhekene ne-University of Pretoria.
“Akukhona nje ukuthi ushaye amagoli amabili kule mpelasonto okwenza abe sezithebeni emaqenjini amaningi,” lo mthombo usho kanje.
“Sesiside isikhathi amaqembu athile ePSL embhekisisa ngenxa yokuzikhandla kwakhe ngaso sonke isikhathi.
“Iningi lamaqembu ambhekile awaseGauteng kanti kungenzeka amlande ekupheleni kwesizini.
“IPirates nayo isekhona, namanye amaqembu aseGauteng. Kunezinhloli zamaqembu ehlukene ezilokhu zimlandela nje kule sizini.
“Lamagoli amabili awashaye kwiTuks ayisibonelo nje sokuthi lo mfana uzikhandla kangakanani futhi cishe asemaningi amanye eza nawo.”