DStv PremiershipEzintsha

Imcoba amathambo uRamovic eyonompempe ‘abafambulayo’

Uvele wehlisa umoya umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, akangakhala ngephenathi ezakhe ezincishwe yona zishaywa yi-Orlando Pirates. 

Kuyiwe ekhefini kulo mdlalo obuseNelspruit abeGalaxy bengeneme, bekhala ngephenathi abancishwe yona. Bebelandela emuva ngo 1-0 ngaleso sikhathi. 

Bekusele imizuzu embalwa kuyiwe ekhefini ngesikhathi umgadli, uSiphiwe Mahlangu ewa engaphakathi ebhokisini. 

Kubukeke sengathi ushaywe uDeon Hotto obengemuva kwakhe, kodwa unompempe wathi umdlalo awuqhubeke. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uRamovic uthe ngeke esagxila emaphutheni onompempe ngoba aseyinsakavukela umchilo wesidwaba.   

“Angazi kwenzekeni kuleyanto eyenzeke esiwombeni sokuqala obekubukeka sengathi yiphenathi,” kusho uRamovic. 

“Ngisazoke ngibhekisise kahle (kumavidiyo) kodwa ngokwala bengihleli khona, ngibone kuyiphenathi. 

“Kodwa ke akusasizi ukukhala ngalezi zinto ngoba vele izinga lonompempe kuleli alikho kwelifanele.” 

URamovic uzwakalise nokuthi akakhathazekile yize ezakhe sezisemsileni kwilogi manje ngemuva kwalo mphumela. 

IGalaxy isihlulwe kwemine, yadlala ngokulingana kowodwa emidlalweni emihlanu yeligi, okuyenza ibe nephuzu elilodwa. 

“Ngeke sikhathazeke okwamanje ngoba sidlala kahle. Uma udlala kahle uhlezi wazi ukuthi izinto zizojika, imiphumela izojika noma nini. 

“Ukhathazeka uma kuwukuthi uhlulwe kade uvele udlala kabi,” kuchaza lo mqeqeshi osekwisizini yakhe yesithathu kwiGalaxy.