UZwane ubhoboka ngobunzima bokulaxaza iChiefs
- Sibongiseni GUMBI
U-Arthur Zwane usevume ukuthi ukuphuma eNaturena, la abesesebenze khona iminyaka engaphezu kuka-20 kube yisinqumo esinzima kakhulu kuye.
Le nsizwa eneminyaka engu-51 yafika kwiKaizer Chiefs isengumdlali, kanti ithe uma iwabeka ethala amakhokho, yangena ekuqeqesheni izinkulisa zeqembu.
Igcine ynyuke yaze yafika ekucijeni neqembu elikhulu leChiefs, kodwa izinto azangahamnba kahle, yahlala unyaka owodwa kulowo msebenze yabe seyixoshwa.
UZwane ube esebuyiselwa ezinkulisa njengoba kuqale le sizini ephethe uphike lwezinkulisa nokuhlonzwa kwabadlali kuleli qembu laseSoweto.
Nokho ngasekuqaleni kwale nyanga ube esenxenwa AmaZulu FC ukuthi azowatakula, esebenza ngokubambisana noVusumuzi Vilakazi.
Nakhona izinto azikabahambeli ke kahle laba baqeqeshi njengoba besahlulwe kuyo yomibili imidlalo abasayidlalile bephethe Usuthu.
UZwane, ekhuluma noRobert Marawa kwiMarawa Sports Worldwide ngesonto elidlule, ubhoboke ngobunzima besinqumo sokushiya Amakhosi.
“Kube nzima kakhulu. Kodwa esikhathini esiningi nginabantu engithathisa kubo izinqumo,” kusho uZwane.
“Ngafonela umama ukuzwa ukuthi yena ubona kanjani kwazise ungumuntu ohlezi engicebisa, angikhanyisele nendlela okumele ngiyithathe.
“Kodwa lokho ngakwenza ngemuva kokuhlala phansi nabaphathi kwiChiefs, savumelanga ngokuthi mhlawumbe kuhle ukuthi ngihambe ngiyokhula kwenye indawo.
“Bekunzima kodwa bekumele ngikhule. Ngizokutshela ukuthi kungani. Ebholeni ngeke uze wazi kuzokwenzakalani.
“Ngisengumdlali, ngazithola sengiphesheya. Ngangingakuhlelanga lokho kodwa kwenzeka,” kuqhuba u-1011.
“Nangesikhathi ngingena ekuqeqesheni, ngangazi ukuthi kuzofika isikhathi sokushintsha amaqembu.
“Into ebingikhathaza kakhulu wukuthi bengishiya izingane zami emuva. Ngisondelene kakhulu nazo.
“Kodwa ngazitshela ngathi, ‘lalelani, sekuyisikhathi sokuthi nikhule. Kumele nifunde ukuzimela ngingekho eduze kwenu.”
Imizamo kaZwane yokutakula Usuthu, olubhajwe emsileni kwilogi yeBetway Premiership izoqhubeka ngoLwesibili uma sebebhekene neChippa United.
IChippa isefomini enhle njengoba kumanje isendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-10 ngemuva kwemidlalo eyisithupha.