‘Usebalekile’ kwiWydad uZungu, uMokwena uthwele kanzima
- Alfred NGUBANE
UBongani Zungu usebuyele ekhaya eNingizimu Afrika kulandela ukuhluleka ukuthola inkontileka kwiWaydad Athletic yaseMorocco.
Njengoba leli qembu licijwa uRulani Mokwena, abedlala ngaphansi kwakhe kwiMamelodi Sundowns, bekubhekwe ukuthi uZungu asayinwe.
Kodwa ke ngathi izinto azihambanga njengokufisa kwakhe noma kukaMokwena njengoba esedikilile, washiya eMorocco.
Okwamanje bekungakacaci ukuthi ngabe yisiphi isizathu esidale ukuthi uZungu angasayini kwiWaydad, kodwa iLisenethini isazama ukuthola umnyombo.
UZungu akanaqembu njengamanje kulandela ukudedelwa kwakhe yiSundowns ekupheleni kwenkontileka yakhe ngoJuni.
Ubesehlale kuyo iminyaka emibili kulandela ukubuya kwakhe eFrance la abehlale khona iminyaka emine.
Khonamanjalo uMokwena uthwele uthayela emoyeni kwiWaydad njengoba abalandeli sebeqala ukungamuzwa kahle kulandela imiphumela engemihle.
UMokwena uphume esenyonyoba enkundleni ngempelasonto kulandela ukuthi abalandeli bejikijele izinto enkundleni.
Lokhu bekulandela ukwehlulwa emdlalweni wesibili kulandelana futhi kubukeka naye ezolandela uZungu ngokubuyela kuleli maduze.
Nokho yena ubona inqola isahamba kulayini njengoba ethe kuzothatha isikhashana ukuthi iqembu lihlangane futhi lidlale ngale ndlela ayifunayo.