OwePolokwane uveza icebo abagingqe ngalo u‘Goliyathi’
- Sibongiseni GUMBI
IPolokwane City ithuse abaningi ngeSonto ntambama ishaya iMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni weBetwayPremiership ePeter Mokaba Stadium.
Ababaningi abaqeqeshi abazokwazi ukuphuma behleka kade bebhekene neSundowns eyaziwa ngokudedela induku.
Kodwa uPhuthi Mohafe wePolokwane City engazishaya isifuna ngokuthi ukwazile ukuqumba phansi leli qeli elingafaniswa noGoliyathi waseBhayibhelini.
Bese kusele imizuzu emibili uphele umdlalo ngesikhathi ukaputeni wePolokwane, uBulelani Nikani eshaya igoli abanqobe ngalo.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uMohafe uveze ukuthi bebenecebo nokuthi balisebenzise kanjani ukubamba iSundowns la incane khona.
“Ngicabanga ukuthi senze kahle kakhulu namuhla. Sikwazile ukubancisha izikhala, abangakwazi ukudlala ngendlela abafisa ngayo,” kusho uMohafe ngemuva komdlalo.
“Sikwazile ukuvala izikhala la bekudlala khona uMarcello Allende noTashreeq Matthews esiswini ukuze bengakwazi ukuzenzela.
“Nasemuva sikwazile ukuvala oThapelo Morena no-Asekho Tiwani ukuthi bengakwazi ukunyuka bezosihlasela,” kuqhuba uMohafe.
Uthe ukukwazi kwabo ukuqinisekisa ukuthi abadlali abayingozi beSundowns abanazo izikhala zokudlala ngokukhululeka kubasebenzele ngendlela abebehlele ngayo.
“Ukubancisha izikhala sikwenze kahle kakhulu. Sibaphoqe ukuthi bagcine sebedlalela ezinhlangothini kodwa nalapho besivele sazi sizobanqinda kanjani amandla.
“Bekuthi uma bethola ibhola ezinhlangothini, bese kuba nomdlali oseseduze ukubavimba bengakwazi ukuligoba.”
UMohafe uthe bebazi ukuthi ngokokuphatha ibhola, iSundowns vele izobahlula ngakho bekumele babe necebo lokuthi ingakwazi ukubahlasela.
Uthe bekumele behlezi beqwashile emuva ukuqinisekisa ukuthi bayakwazi ukuvimba iminyakazo yeSundowns ebheke ebhokisini labo.
“Kuyiqiniso ukuthi besingeke simelane nabo ngokokuphatha ibhola,” kuqhuba uMohafe.
“Thina siyiqembu eliqine kakhulu emuva ngakho senze isiqiniseko sokuthi sivala kahle emuva.
“Besichitha wonke amabhola abawazamayo uma besihlasela, bese sizama ukubahlasela ngokuzumisa.
“Besizicije kahle nasekusebenziseni amabhola abekwe phansi nokuyingakho sikwazile ukuthola igoli ngaleyo ndlela.
“Yileyo kuphela indlela thina njengePolokwane City ebesingakwazi ukwenza kahle nokunqoba sibhekene neMamelodi Sundowns.”
Ngalo mphumela, iCity inyukele endaweni yesine kwilogoi kanti iSundowns isahleli kweyesibili ngemuva kwe-Orlando Pirates eqhwakele.
ISundowns, esazikhotha amanxeba, kuzomele isheshe ibuyele emgqihqweni wayo njengoba izobhekana neCape Town City ngoLwesithathu.