EzintshaOrlando Pirates

Ngabe uRiveiro uselungela ukulahlekelwa uSaleng?

Ayaqina amahlebezi okuthi kunamaqembu aphesheya asha amashushu ngomdlali we-Orlando Pirates ovutha engabaselwe, uMonnapule Saleng. 

Njengoba eqina lamahlebezi, umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro ubonakala eseqoka umfama osemncane, uMohau Nkota ukudlala indawo kaSaleng. 

Lokhu kuqale emdlalweni weCarling Knockout la uSaleng ekhishwe khona ngekhefu, kwangena uNkota endaweni yakhe.

Kumangazile lokhu kwazise uNkota akanamava ekubeni uSaleng usesize iPirates kaningi ikakhulukazi emidlalweni yendebe. 

Nokho akunakekanga kakhulu kwazise ukuthi uSaleng ubebuya ekulimaleni futhi ubengazicijanga neqembu ngokwanele ngaphambi kwalo mdlalo. 

Emdlalweni weligi ngoLwesibili, uRiveiro uqale ngoNkota esikhundleni sikaSaleng obengekho nasebhentshini. 

Kumangazile lokhu kwazise bebebhekene neqembu elivamise ukubathwalisa kanzima, iSuperSport United abayishaye ngo 2-0.

Ebuzwa ngaphambi komdlalo ngalolu qukuqo, uRiveiro uthe uSaleng akekho esimweni esifanele sokudlala kodwa akangasho ukuthi ulimele. 

Akazange anabe ngokuthi akekho esimweni ngandlelani njengoba engomunye wabadlali abebengasali eqenjini aqala ngalo imidlalo selokhu kuqale isizini.

Lokhu kwenza kusoleke ukuthi kungenzeka inhliziyo yakhe seyisohambweni lwakhe olusha, kanti noRiveiro ngapha uselungisa azovala ngaye isikhala. 

USaleng, ngokusho kwemithombo yezindaba zezemidlalo ehlukene, ufunwa phesheya kanti nasenhla ne-Afrika kukhona amaqembu anentshisekelo ngaye. 

ILisenethini izolokhu ilufakele izibuko futhi ilulandela lolu daba njengoba uSaleng engomunye wabadlali abangaconsi kubalandeli beZimnyama.