Iphinde yenze njalo iSundowns, yabuyela endaweni yayo
- Sibongiseni GUMBI
Yize ingazange ihlazeke iRoyal AM, kodwa iMamelodi Sundowns iqhubekile nomsebenzi, yaqoqa amaphuzu agcwele, yabuyeka esicongweni kwiBetway Premiership.
Ngokwefomu nezinga labadlali kulamaqembu, ubungalindela ukuthi iSundowns izozidlela amahlanga nje kwiRoyal AM.
Kodwa igcine ikusebenzela ukuthola amaphuzu amathathu, inqoba ngo 2-1 emdlalweni weligi obuseLoftus Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Kuke kwabukeka izotheleka ngehlazo lokushaywa ngembudlu yamagoli iThwihli Thwahla ngesikhathi ingenelwa yigoli kungakapheli nemizuzu eyishumi umdlalo uqalile.
Nakhona leli goli libe ngenxa yephutha lokutatazela emuva. Izame ukuqala umnyakazo emuva, kodwa uSiphelele Mkhulisi walidla ibhola, washaya inethi.
Ibe seyilandela ngemuva kukho konke njengoba kuyiSundowns ebilawula umdlalo kodwa kwaze kwayiwa ekhefini lingekho elinye igoli.
Esiwombeni sesibili ibuye seyingcono iRoyal AM futhi nayo seyike ihlasele into ebonakalayo, kodwa kwasho ukuthi iqinile emuva iSundowns.
UKhuliso Mudau ushaye igoli lesibili leSundonws sekusele imizuzu emihlanu umdlalo uphele, kwacaca ukuthi ezikaMaMkhize ziphuma zilambatha.
Nokho uSibangani Zulu uyitholele elokubika ekhaya sekusesikhathini esengezwe unompempe, umdlalo waphela ngo 2-1.