EzintshaKaizer Chiefs

Inkakha ibheja ngoweChiefs ongqongqoza kwiBafana 

Owayengumdlali wasesiswini weBafana Bafana, uLinda Buthelezi, uqagula ikusasa elihle ngomdlali weKaizer Chiefs osemncane uSamkelo Zwane.

UZwane ubengakalitholi ngokugcwele ijezi kwiChiefs kusukela akhushulelwa eqenjini elikhulu ngo-2022. 

Nokho kuyethembisa ngaphansi komqeqeshi omusha uNasreddine Nabi njengoba eseke wadlala kabili emidlalweni emine. 

Nokho la agqame khona yingesikhathi benqoba ngo 4-0 bedlala neSuperSport United ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo. 

UButhelezi ucabanga ukuthi uZwane usekhombise izimpawu zokuba ngumdlali omqoka nozoba ngumholi ngokuhamba kwesikhathi.

Uhlobise lo mdlali weChiefs, ethi lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala uyangqongqoza eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

“UZwane angagqama abe yisihlabani esivelele kwiKaizer Chiefs uma enganikezwa ithuba, njengoba kwenzeka kuJayden Adams (kwiStellenbosch FC),” kusho uButhelezi kwabeFARPost.

“Lo mfana angaba umholi ngolunye usuku inqobo nje uma enganikezwa isikhathi. 

“Uyakwazi ukushaya iphasi enhle, uyakwazi ukucabanga, unamandla… unakho konke lokho. 

“Angakwazi ukuncintisana noSphephelo Sithole (kwiBafana). Angangena khaxa esikhaleni sikaSithole.”

Uqhube wathi uZwane unakho konke okudingeka kumdlali wasesiswini maphakathi nenkundla, okwazi ukunqamula iminyakazo yezitha, nokuqala eyokuhlasela. 

“Njengomdlali wasesiswini, udinga ukuba nokuzethemba. Anginandaba noma bayakuthanda noma cha, kodwa kufanele uzazi.”

NoNabi umvumile uZwane, wathi uwenze ngendlela encomekayo umssebenzi abebekelwe wona kulo mdlalo weSuperSport. 

“Kuyiqiniso ukuthi uSamkelo Zwane usebenze kakhulu ezinyangeni ezimbalwa ezedlule,” kusho uNabi. 

“Sikholwa ukuthi useshintshile ngoba phambilini ubengakhoni ukuqonda amaqhinga nokugxilisa ingqondo emdlaweni ngoba usemncane.”