EzintshaMotsepe Foundation Championship

ICity ishaya indesheni komakhelwane AmaZulu ngomdlali

IDurban City seyihambe yayoshaya indesheni kuMaZulu FC ifuna ukubolekwa omunye wabadlali asebephenduke ifenisha kuleli qembu.

Lokhu kuhletshelwe iLisenethini uFarouk Kadodia, ongusihlalo weDurban City ngoLwesibili ntambama. 

UKadodia uthi uhambe wayofongqa isigqoko kuzakwabo ophethe Usuthu, uSandile Zungu ecelwa ukubolekwa uRowen Human ongumdlali waseswini.

“Ngibhalele uSandile Zungu ngicela ukuthi angiboleke uRowen Human ngoba abamdlalisi,” kusho uKadodia.

“Mina ngiyamazi ukuthi ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu njengoba bamthenga lapha kimina. 

“Njengoba sisemkhankasweni wokubuyisela iDurban City (ebiyaziwa ngeMaritzburg United) kwiBetway Premiership ngesizini ezayo, siyamdinga.

“Simbona njengomuntu ongasilekelela yize noma esehlale isikhathi eside nje engadlali,” kuqhuba uKadodia.

UHuman wathengwa AmaZulu kumasizini amabili adlule kade eshisa kwiMaritzburg United, kodwa uPablo Martin wamhlalisa ebhentshini. 

Ngesikhathi ethathwa AmaZulu, kwakunemibiko ethi neKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns neCape Town City bayamhalela. 

UKadodia uthi yize benesifiso sokuqinisa lapha nalaphaya, kodwa weneme ngeqembu abanallo njengamanje.

“Ngeqembu, ngithokozile ngalo kancane noma lingakafiki lapho ngilifuna khona. Kodwa umehluko ukhona kulona,” kusho uKadodia.

IDurban City inqobe kwiBaroka FC eChatsworth  Stadium ngoMgqibelo yabe seyiqhwakela kwilogi yeChampionship.