ISundowns izitholele ibhuloho kwi-Arrows, yashisa impama
- Sibongiseni GUMBI
IMamelodi Sundowns iziwelele kalula ukudlulela emzuliswaneni olandelayo weCarling Knockout, iphendula iGolen Arrows ibhuloho layo.
EzikaManqoba Mngqithi zidlule ngo 5-0 kulo mdlalo obuseLucas Moripe Stadium, ePitori ngoMgqibelo ebusuku.
Kuvele kwasheshe kwacaca ukuthi i-Arrows izothwala kanzima ngesikhathi uThapelo Morena eyibeka phambili ngomzuzu ka-14.
Kuyiwe ekhefini seyilandela emuva ngo 2-0 i-Arrows kulandela igoli lika-Iqraam Rayners alishaye ngomzuzu ka-30.
Isiwombe sesibili siqale Abafana Bes’thende sebedlala kangcono futhi kuthembisa ukuthi kukhona abangakwenza kulo mdlalo.
Bakhe amathuba ambalwa futhi ukuthi bawasebenzisile, bebengayibuyisela kwiSundowns ingcindezi.
Kodwa kuthe umdlalo usubheke emaphethelweni, uMngqithi wenza izinguquko ezivele zalona zaluqeda usuku lwe-Arrows.
UMothobi Mvala, obedlala okokuqala kule sizini kulandela ukwelulama ekulimaleni kwesikhathi eside, ungqofele phakathi elesithathu ngomzuzu ka-73.
UPeter Shalulile, obesenesikhathi agcina ukushaya igoli, uqede ishobolo evalela phakathi elesine leSundowns ngomzuzu ka-77.
Isipikili sokugcina sishayelwe umfana omncane, uKutlwano Lethlaku obesuka ebhentshini, kwathi elithinta okokuqala ibhola wayoliqabulisa inethi.