Kuthe dwe kuNabi kubuya isethenjwa sakhe kwiChiefs
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, uthi isethenjwa sakhe uGaston Sirino singase sibe khona emdlalweni wabo olandelayo.
IChiefs inomdlalo omqoka njengoba izobhekana neSuperSport United kwiCarling Knockout ngoMgqibelo ebusuku.
USirino, obelimele, akadlalanga emdlalweni wobungani ngempelasonto edlule la iChiefs beyibhekene khona neMarumo Gallants.
UNabi uvumile ukuthi isikhala sikaSirini sibonakalile ngempelasonto edlule yize begcine benqobile sekukhahlelwa amaphenathi.
Manje uNabi usehlezi ethembeni lokuthi uzokwazi ukusebenzisa lo mdlali odabuka e-Uruguay ngoMgqibelo ebusuku ePeter Mokaba Stadium ePolokwane.
“Uzoqaphela ukuthi empeleni kuzwelile ukungabi khona kukaSirino emdlalweni wethu odlule,” kusho uNabi kwabezindaba.
“Ngakho-ke, kukhombisa ukubaluleka kokuba khona kwalowo mdlali eqenjini lethu ukuze liwine.
“Mhlawumbe akakalulami ngokugcwele kodwa okungenani singazama ukuthembela kuye emdlalweni olandelayo.
“Mhlawumbe ngeke ayidlale yonke imizuzu engu-90, kodwa sizobona ukuthi singamnika isikhathi esingakanani kulowo mdlalo.”
Selokhu efikile uSirino kwiChiefs, esuka kwiMamelodi Sundowns, usekhombise ukuthi uzoba ngumdlali ongukhiye eqenjini likaNabi.
Ubuhlakani namava akhe bumenza akwazi ukugqekeza udonga lwasemuva lwezimbangi, avulele ozakwabo izikhala zokudlala.
Uphinde akhe futhi ashaye amagoli. Ukuzethemba kwakhe kuyatheleleka nakozakwabo njengoba kubukeka oMduduzi Shabalala sebedlala kangcono nabo.