EzintshaOrlando Pirates

UMonare ulibona likhanya ikusasa lePirates

UThabang Monare ubengomunye wabadlali umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro afike kuleli qembu wathembela kubo. 

Kodwa ngokuhamba kweminyaka, uJose Riveiro ube eseqala uhlelo lokufaka abadlali abasebancane eqenjini, yaya ngokuphela indawo kuMonare nabanye asebekhulile. 

Ugcine ekhululiwe uma kuphela inkontileka yakhe ekupheleni kwesizini edlule, wajoyina iSekhukhune United. 

Ekhuluma nabeSNL24 muva nje, uMonare uzwakalise ithemba ngekusasa laleli qembu okucacayo linendawo enkulu enhliziyweni yakhe. 

“Ikusasa libukeka lilihle kulaba badlali naseqenjini,” kusho uMonare. 

“Ikilabhu ilande abadlali abahle, abanethalente elimangazayo. Badlala kahle ekilabhini naseqenjini lesizwe. 

“Wonke umuntu uyabona ukuthi iqembu lizihlelela ikusasa elihle,” kuchaza uMonare. 

UMonare usebe sebholeni elikhokhelayo iminyaka engu-15 futhi usenqobe izicoco eziningi, kodwa uthi akakadeli.

“Umehluko ngami wukuthi angikaze ngiphelelwe wukulangazelela impumelelo,” kuqhuba yena. 

“Abanye abantu badla basuthe, bengabe besafuna lutho ngemuva kwalokho. 

“Kodwa kimi, uma ngilokhu ngiphumelela, siyanda isifiso sokwengeza enye impumelelo. 

“Uma ufuna impumelelo eqhubekayo, lokho kukwenza uhlezi usebenza ngokuzikhandla.” 

Uthe isifiso sakhe ngeSekhukhune wukuthi ayisize ifike ezingeni elifisayo njengekilabhu. 

ISekhukhune elinye lamaqembu akhula ngendlela encomekayo kwiPSL yize ingakabi nasicoco ngaphandle kweMotsepe Foundation Championship.