UMaema ujabulele inselelo yamaqembu aseMorocco
- Sibongiseni GUMBI
IMamelodi Sundowns iqhathwe nosondonzima beBotola Pro League yaseMorocco, iRaja Casablanca ne-AS FAR Rabat kuGroup B weCaf Champions League.
Iqembu lesine kuleli qoqo yiManiema Union yaseDR Congo. Akungabazeki ukuthi leli yiqoqo elinzima cishe kunawo wonke.
ISundowns ibhajwe emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano kulamasizini amabili edlule.
Lokho ngenye yezinto ezenze abaphathi bakhethe ukuhlukana noRulani Mokwena obengumqeqeshi kuleli qembu.
Manje sekuphethe uManqoba Mngqithi onethemba lokuthi uzodlula aze afike kowamanqamu, nakhona anqobe – yilokho okufunwa abaphathi beqembu.
Umdlali wasesiswini uNeo Maema uveze ukuyithakasela indlela ezididiyelwe ngayo esigabeni samaqoqo.
“Indlela eziqhathwe ngayo iyajabulisa. Ngiqonde ukuthi sithole amaqembu amabili avela eMorocco, izwe elihle kakhulu ngokwebhola.
“Iqembu elilodwa ebesike sadlala nalo phambilini, iManiema yase-DRC, ngicabanga zididiyelwe kahle,” kusho uMaema kwabezindaba.
“Sizovivinyeka, sizibone ukuthi sime kuphi njengeqembu nokuthi siyiqala kanjani le sizini.
“SIbe nemiphumela emibi kwiMTN8, kodwa siqale kahle kakhulu kwiligi. Sizovivinyeka ukuthi singakwazi yini ukufeza izinhloso ngokufika kowamanqamu.
“Ukuhlulwa emidlalweni eyandulela owamanqamu kule minyaka emibili edlule kube buhlungu.”
UMaema uyavuma ukuthi lo mqhudelwano unzima ngampela, futhi udinga iqembu eliqine ngayo yonke indlela.
“Uma ubheka kwisizini eyandulela edlule, asizange sihlulwe, kwaba wukuthi sikhishwa ngenxa yomthetho wegoli lasekuhambeni. Ngesizini edlule sizame konke okusemandleni.
“Kule sizini, asifuni ukuthembisa abalandeli bethu ukuthi sizokwenza kangcono,” kuqhuba uMaema.
“Kodwa siyiqembu elinezifiso nezinhloso ezinkulu futhi iSundowns ibekelwe umgomo wokuphatha.
“Sizokwenza isiqiniseko kule sizini ukuthi siyazibophezela thina ngokwethu ngaphambi kokudlulisela kubalandeli.”
ISundowns izoqala umkhankaso wayo esigabeni samaqoqo ngoNovemba 26 ibhekene neManiema ekhaya.
Iyobe seyilandela ngokuthatha uhambo oluya eNorth Africa ukuyodlala ne-AS FAR Rabat, eMorocco.