OweChippa uvuma ubudlelwano bakhe nezikaFaro
- Sibongiseni GUMBI
Omunye wabadlali asebekhulile kwiChippa United uthi ukuphuza kwakhe utshwala akumphazamisi emsebenzini wakhe ngoba uyakwazi ukukulawula.
Inkinga yotshwala ebholeni laseNingizimu Afrika inkulu futhi sekukaningi abadlali abathembisayo begcina bepheku izithukuthuku zenja.
Muva nje uGabadinho Mhango weMarumo Gallants ungene enkingeni shayisa imoto kusolakala ukuthi ubedakiwe ehamba nezintombi.
Nokho umdlali wasemuva weChippa, uJustice Chabalala yena uthi utshwala akuyona inkinga, inkinga wumuntu obuphuza ngokungazicabangeli.
“Ukugcina umsebenzi wami la esigabeni esikhokhelayo kungenxa yenhlonipho, futhi akekho owangifundisa inhlonipho,” kusho yena kwabeSNL24 muva nje.
“Indlela engadalwa ngayo le. Ngakho ngibeka inhlonipho phambili. Inhlonipho wukwenza izinto ezifanele nokusekela ozakweni noma ngabe uyadlala noma cha.”
Uthe into eyenza abanye ozakwabo begcine sebengene baze bagaxela ezinkambeni zikaFaro wukuthi basuke beqiwa yijezi, bese bedikibala.
“Uma izinto zibhimba, qhubeka ududule, uzikhandle ejimini futhi ufike kuqala kunabanye,” kuqhuba uChabalala.
“Uma uphuza, sazi isikhathi sokuphuza. Uyasazi isikhathi okungesona esokuphuza. Mina anginamahloni okusho ukuthi ngiyaphuza.
“Ngingumdlali osekhulile eqenjini, ngiyaphuza. Kodwa ngiyasazi isikhathi sokuphuza. Senginesikhathi eside ngidlala ibhola kodwa angikaze ngifiike ejimini ngidakiwe.
“Kubalulekile kimi ukuthi abadlali abasebancane bafunde ukuphuza ngendlela efanele ukuze bezokwazi ukuqhubeka nebhola, bengaphazamiseki.”