OweStellies uphawula ngo-Adams ochizele iBafana
- Intatheli yeLISENETHINI
Yize kungakaziwa ukuthi isizathu yini, kodwa sibukwa kabi isenzo somdlali osemncane weStellenbosch FC, uJayden Adams sokuchizela iBafana Bafana.
U-Adams ungomunye wabadlali okumele ngabe basekhempini yeBafana njengoba ilungiselela umdlalo wangoLwesihlanu.
EzikaHugo Broos zizokhiphana inkani neCongo-Brazzaville emidlalweni emibili yokuhlungela i-Africa Cup of Nations.
Umdlalo wokuqala uzoba seNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesihlanu ebusuku, owesibili ube sekuhambeni ngoLwesibili oluzayo.
U-Adams uvele akangafika ekhempini ngeSonto njengoba bekulindeleke kanjalo kanti ukhishiwe eqenjini.
UBroos uvele ukuphoxeka kwakhe ngalo mdlali, wathi lento ayenzayo yinto angayifuni eqenjini alakhayo.
Uzakwabo, uSage Stephens, ongunozinti wokuqina weStellies, uthe akafuni ukuyingena eka-Adams ngoba akakabi nalo ulwazi olugcwele ngayo.
“Bheka, okwamanje ngeke ngikwazi ukuphawula (ngendaba ka-Adams), anginalo ulwazi olugcwele. Akuyona eyami ukuyikhuluma,” kusho uStephens.
Ubekhuluma nabezindaba ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu azodlala kwiCarling Knockout kulei sonto.
“Kodwa uma sikhuluma ngabadlali abasebancane, ngingabeluleka ngokuthi bengabhayiziswa wudumo.
“Kumele baqhubeke nokugxila ekusebenzeni ngokuzikhandla ukuze babe nekusasa eliqhakazile.
“Uma nje usaqhubeka nokuzikhandla, lapho ungafika noma kuphi ngebhola lakho.”
IStellies iqhathwe naMaZulu FC emdlalweni wayo wokuqala kwiCarling Knockout engompetha bayo.