UShandu ‘akawusabi’ umbango wejezi ofike noVan Rooyen
- Intatheli yeLISENETHINI
Ukufika kukaDeono Van Rooyen kwi-Orlando Pirates kujabulise abalandeli baze bakhohlwa wukuthi kambe kukhona noBandile Shandu.
Lo mdlali ojoyine iPirates esuka kwiStellenbosch FC, ufike wangena khaxa eqenjini likaJose Riveiro futhi nguye oseqala imidlalo.
Akawuqalanga nokho owamanqamu weMTN8 ngoba uke wadlala kwiStellies usaqala lo mqhudelwano.
Endaweni yakhe bekukhona uThabiso Monyane, naye odlale kahle, akwangabonakala ukuthi usenesikhashana agcina.
UShandu, osalulama ekulimaleni eqakaleni, uyazi kuzoba nzima ukubuyela eqenjini uma eseluleme.
“Umncintiswano ophilayo (wejezi) muhle,” usho kanje uShandu ekhuluma nabezindaba kwethulwa iCarling Knockout Cup ngoLwesibili.
“Eqenjini elikhulu njengePirates, uhlezi ulindele abadlali abasezingeni eliphezulu. Kuyingxenye yokuba kuleli zinga lebhola elikhokhelayo.
Sekuphele isikhathi esicela onyakeni uShandu agcina ukudlala kwiPirates kanti kuvela ukuthi angase aqale ukujima ngokugcwele neqembu maduze.
“Singumndeni omkhulu, ojabule. Siyesekana, siyalwelala futhi lokho kuyabonakala enkundleni,” kuqhuba yena.
“Lokhu sesikwenze amasizini ambalwa manje. Ukuzwana, ukubambisana nobumbano kuhle kakhulu eqenjini.”
IPirates iqhathwe neMagesi FC esigabeni sokuqala seCarling Knockout, kanti usuku lwemidlalo lusazomenyezelwa yiPSL.