Ezintsha

Uyoyishaya kowe-Afcon unompempe ‘ogile’ iStellies

Uqokelwe ukuyodlalisa emidlalweni yokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations unompempe wakuleli osematheni, u-Abongile Tom. 

Lo nompempe kukhulunywa ngaye cishe yonke indawo lapho kukhulunywa ngebhola kuleli.

UTom ubephethe umdlalo wamanqamu weMTN8 obuphakathi kwe-Orlando Pirates neStellenbosch FC. 

Lo mdlalo bewuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ebusuku kanti ube nezigemezeme ezilindelekile emdlalweni waleli zinga. 

Nokho isigemegeme esithathe amehlo kakhulu sithinta yena lo nompempe ozithole ‘erojwa’ umfana omncane uRelebohile Mofokeng, wamqhatha nabalandeli. 

UTom ubekele iPirates i-free kick ngasengxenyeni yeStellies umdlalo usuya emaphethelweni. 

Kuthe abadlali beStellies besazama ukuxoxa naye ngalokhu, nomdlali wePirates elele phansi, uMofokeng wathatha ibhola waliphasela uTshegofatso Mabasa.

Lo mgadli ube esethi ngibonwa yini, wathatha ibhola waliphambanisa nonozinti, yahamba phambili ngo 2-1 iPirates. 

Okukhulumisile ngalokhu wukuthi, 1. uMofokeng akalisuselanga la kwenzeke khona isigameko ibhola, 2. Bekusenomdlali wePirates olele phansi. 

Konke lokhu akuhambisani nemithetho yebhola futhi kukholakala ukuthi uTom bekumele angalibali leli goli, ayiqalise phansi iPirates. 

Yize kungenzeka wenze iphutha kulesi sigameko, kodwa uTom usengomunye wonompempe abathenjwayo ebholeni lase-Africa. 

Ungomunye walabo iCaf ebanika imidlalo okubhekwe ibe nzima futhi edinga unompempe ongaquli, kodwa owenza umsebenzi ngokuthembeka nangaokuzimisela. 

NgoLwesihlanu uTom uzophatha umdlalo wokuhlungela i-Afcon ophakathi kwe-Ivory Coast neSierra Leone.