Caf Champions LeagueConfederation CupEzintsha

UShabba ‘uzoqhatha’ azodlala kwesamaqoqo kweyeCaf

Inkakha yakuleli, uSiphiwe “Shabba” Tshabalala uzoba ngomunye wezimenywa ezizosisa uma sekuqhathwa amaqembu azodlala esigabeni samaqoqo semiqhudelwano yeCaf. 

Ukuqhathwa kwamaqembu azodlala esigabeni samaqoqo kwiChampions League nakwiConfederation Cup kuzokwenziwa ngoMsombuluko. 

UShabba, owazakhela igama kwiKaizer Chiefs neBafana Bafana, ungomunye wabanikwe lo msebenzi obalulekile njengoba engenye yezinkakha ezihlonishwayo ezwenikazi. 

Wazifaka ezinhliziyweni zabalandeli bebhola emhlabeni jikelele ngesikhathi eshaya igoli lokuqala eNdebeni yoMhlaba ka-2010. 

Umdanso abawushaya nozakwabo ngemuva kwalelo goli awukakalibaleki kuze kube manje. 

Usamenywa emazweni ahlukene ukuba azoveza ubuso nje, bese ebungazwa ngobuqhawe bakhe nangendlela agqugquzela ngayo abantu ngo-2010. 

Khonamanjalo, elakuleli linamaqembu amathathu emiqhudelwaneni yeCaf njengoba kukhona iMamelodi Sundonws, i-Orlando Pirates neStellenbosch FC. 

IStellies idlala kwiConfederation Cup kanti iPirates neSundowns bona bakwiChampions League.

Kubhekwe ngabomvu ukuthi lamaqembu azoqhathwa kanjani njengoba kubukeka wonke maqoqo ezoba nzima kulokhu.