Uthini umthetho nge-free kick kaMofokeng, uMakaab uyachaza
- Sibongiseni GUMBI
Imenenja yabadlali edumile kuleli, uMike Makaab, isingenelele empikiswaneni ekhona ngelinye lamagoli ashaywe yi-Orlando Pirates ngoMgqibelo ebusuku.
IPirates ishaye iStellebosch FC ngo 3-1 emdlalweni wamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium, kwasala kukhalwa.
Into ekhalise kakhulu yigoli lesibili lePirates, eliyibeke phambili, futhi labagqilaza kakhulu abadlali beStellies.
Bekuyibhola elibekwe phansi (free kick) lePirates ngasepalini leStellies. URelebohile Mofokeng, uvele wayishaya ngokushesha, walibeka phambi kukaTshegofatso Mabasa ibhola.
Lo mgadli akazange esacucuza, walinamathisela enethini. Nokho okunakekile ngalokhu wukuthi uMofokeng ulidlale engekho endaweni yesigameko.
Ubethe ukuqhela impela nala kudlaliswe khona kabi uzakwabo, futhi nonompempe ubebukeka esaxoxa nabanye abadlali abebekhalaza kuye.
Nokho akazange esalichitha lelo goli, walikhomba emlotheni. Ubuyile ke uMofokeng, washaya elesithathu eliqinisekise ukuthi indebe iya eSoweto.
UMakaab ungen ekwi-X (ebiyaziwa ngeTwitter) ukuchaza umthetho ngamabhola abekwe phansi, okucacise ukuthi unompempe, u-Abongile Tom ushaye ifambu.
“Ngokwemithetho yebhola (uLaw 13), ibhola elibekwe phansi kumele lidlalwe lapho kwenzeke khona isigameko.
“Uma i-free kick ishayelwa endaweni esisondele epalini lezimbangi, hhayi la kwenzeke khona isigameko, unompempe kumele ayiqalise kabusha, ishayelwe endaweni efanele.
“Lokhu kuqinisekisa ukungenzeleli emabholeni abekwe phansi,” kuchaza uMakaab.
Abanye bavumelane naye, bethi iPirates ibanjeliwe futhi cishe neegoli lesithathu belingeke lingene ukuba leli liphikiwe ngendlela obekufanele ngayo.
Nokho abanye bamphikisile, bathi kumele avele alale ngoba kuyacaca ukuthi naye usezinhlungwini ngokunqoba kweBucs.