USesane ‘uyiphe’ uNdah indondo yokuba umdlali ovelele
- Sibongiseni GUMBI
UThabiso Sesane uqokwe njengomdlali obevelele emdlalweni wamanqamu weMTN8 onqotshwe yi-Orlando Pirates ngo 3-1, ishaya iStellenbosch FC.
Lo mdlalo ubuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ebusuku kanti ubuthanyelwe yizinkumbi zabalandeli.
USesane, oneminyaka engu-24 ubudala, uya ngokukhula futhi ukudlala kahle kwakhe sekumfake naseqenjini lesizwe, iBafana Bafana.
Ekhulumma ngemuva kokuqokwa njengomdlali obevelele kulo mdlalo wangoMgqibelo, ubonge umqeqeshi, wahlonipha nozakwabo u-Olisa Ndah.
UNdah nguye ovamise ukudlala noSesane emuva kwiPirates futhi sebakhe ubudlelwano obuhle, nobulisebenzelayo leli qembu.
“Ngijabule kakhulu,” kusho uSesane. Le ndondo ngiyibhekisa ku-Olisa Ndah. Ngiyabonga kakhulu (kuye).”
UNdah ubengekho kulo mdlalo ngenxa yokuthi uselashwa kulandela ukulimala emdlalweni weligi bebhekene nePolokwane City emasontweni ambalwa edlule.
Lokhu kuphoqe ukuthi uJose Riveiro aluhlele ngenye indlela udonga lwasemuva, futhi ebhentshini ubesele nesitobha esisodwa, uPaseka Mako.
“Impela udonga lwasemuva belushintshile. Kodwa sizitshelile ukuthi akukhatahlekile ukuthi ubani odlalayo noma ongadlali.
“Sizitshele ukuthi sizowakhipha wonke amangwevu. Ngifuna nokubonga umqeqeshi ngokusenza sizethembe ngokukholelwa kithi.”