UMofokeng ubhoboka ngesifiso anaso ngoRiveiro
- Sibongiseni GUMBI
Iqhawe le-Orlando Pirates, eliyisize ukunqoba iMTN8 okwesithathu kulandelana, uRelebohile Mofokeng unesifiso ngomqeqeshi waleli qembu.
Ngaphambi kokungena emdlalweni wamanqamu obuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ebusuku, uMofokeng noJose Riveiro babe nengxoxo.
Kuthe esanda kungena, wakhombisa ukukhalipha, esusa ibhola ngokushesha kade bebekelwe i-free kick.
Uthathe ibhola walibeka phambi kukaTshegofatso Mabasa, obe eselinamathisela enethini.
Nokho namanje lelo goli kusakhulunywa ngalo njengoba kunenkolelo yokuthi bekungamele libalwe ngoba uMofokeng ususe ibhola lingekho la bekulinyazelwe khona umdlali weBucs.
Kuthe umdlalo usuyophela, wabuya uMofokeng washaya elihle igoli, ejika unozinti nesitobha ngaphambi kokubhakuzisa inethi.
Ngemuva kwaleli goli uRiveiro ubonakale echiphiza izinyembezi zenjabulo.
Manje uMofokeng, okubhekwe ukuthi athathwe amaqembu aphesheya, uthi usafisa ukuhlala enye isizini okungenani noRiveiro.
“Ukuphela kwento ebalulekile wukuthi sisebenza futhi siyezwana kahle, ngingaxabuka uma engahlala isikhathi eside,” kusho uMofokeng.
“Ukuhlala naye kungaba yinto enhle. Uyasisiza ngezinto eziningi. Ngingajabula ukuhlala naye enye isizini.”
URiveiro – ofike kwiBucs ng0-2022 – uzophelelwa yinkontileka kwiPirates ekupheleni kwale sizini.