EzintshaMTN8

Ukhale ngeVAR uBarker ehlulwa iPirates ‘ebanjelwe’

USteve Barker usale nemibuzo engaphenduleki, athi iningaphenduleka ukube bekuneVAR ebholeni lakuleli.

Lo mqeqeshi weStellenbosch FC usale nalo muzwa ngemuva kokushaywa kwezakhe yi-Orlando Pirates emdlalweni wamanqamu weMTN8.

Lo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium uphele ngo 3-1, kunqoba iPirates ebuyeka kade seyilandela ngemuva.

“Anginasiqiniseki, ngicabanga ukuthi babebheke ukuqala ngalo mdlalo ukwethula iVAR, kodwa ngeshwa akwenzekanga,” kusho uBarker ngemuva komdlalo. 

“Kubukeka kunezinqumo eziningi ezinkulu ezingathathwa ngendlela efanele, futhi ngicabanga ukuthi ukungenelela kweVAR kungasiza.”

Nokho uBarker uyakuqonda ukuthi onompempe bangabantu, bayawenza amaphutha. 

“Kukuthi nje kuningi okwenzekayo. Bekungumzuzu ka-90 womdlalo wamanqamu, bathatha i-free kick ngokushesha, uyabheka, kwaba yigoli. 

“Unesinqumo okumele asithathe – ngabe ngiyalivuma igoli? Unqume ukulivuma.

Ngakho ukube bekuneVAR, ngiyakholwa beyizothi ‘Lalela, aliqalwe kabusha, alidlalwanga endaweni efanele. Futhi ubusakhuluma nabadlali’.

“Akazange akubone nokwenzekiile, ngethemba ukuthi (ukube bekuneVAR) bekuzokwenzeka ngenye indlela, bese siya esikhathini esengeziwe,” kuqhuba uBarker.

UBarker uthe bazozikhotha amanxeba, babuye sebeqine kakhulu emqhudelwaneni olandelayo. 

Umqhudelwano wendebe olandelayo yiCarling Knockout Cup iStellies engompetha bayo. Kulindeleke iqale ngasekupheleni kwale nyanga.

“Ukuhamba kwesikhathi kuyawapholisa amanxeba, ngifuna nokubongela iPirates…

“Yenzeliwe, kodwa abezenzelanga, unompempe obenzelile, ngeke ke ubasole ngokuba nenhlanhla. “Ngakho ngiyayibongela i-Orlando Pirates ngalokhu ekuzuzile, kodwa kumele yazi siyangqongqoza emnyango. 

“Ngeke siyeke, sizoqhubeka nokuphusha futhi ngiyakholwa ukuthi isikhathi sethu sizofika maduze.”