Akekho uNdah, uRiveiro ulihlele ngenye indlela elakhe
- Sibongiseni GUMBI
Kuvela ukuthi u-Olisa Ndah ulimele futhi kusazothatha izikhashana ukuthi abuye kwi-Orlando Pirates.
UNdah ushiywe ngaphandle naseqenjini lesizwe laseNigeria ngenxa yokuthi bathole umbiko wodokotela bePirates othi ulimele.
Bekulokhu kunethemba lokuthi uzokwelulama, akwazi ukudlala umdlalo wamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo ebusuku.
IPirates izogadulisana neStellenbosch FC eMoses Mabhida Stadium, kanti uNdah noMonnapule Saleng bekuthiwe ngeke babe khona.
Nokho uSaleng yena weluleme futhi ukhona eqenjini elizoqala umdlalo, okuqinisa amathuba eBucs okunqoba lo mdlalo.
Njengoba uNdah engekho, umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro kuphoqeleke ukuthi alihlele ngenye indlela iqembu lakhe emuva.
Uqale ngoNkosinathi Sibisi noThabiso Sesane maphakathi kanti emaceleli kukhona u-Innocent Maela, kwesokunxele, noThabiso Monyane kwesokudla.
UDeon Hotto yena unyuselwe esiswini la ethathe khona indawo kaRelebohile Mofokeng ozoqala ebhentshini kulo mdlalo.
Olunye ushontsho oluqaphelekayo olukubagadli la kuqala khona u-Evidence Makgopa esikhundleni sikaTshegofatso Mabasa.
Zipbophele kanje kulo mdlalo okulindeleke ushise eMoses Mabhida Stadium. Umdlalo uqala ngo-6 ebusuku.
- Orlando Pirates: Chaine – Monyane, Maela, Sibisi, Sesame – Saleng, Hotto, Mbatha, Makhaula, Maswanganyi – Makgopa.
- Ebhentshini: Buthelezi – Mako, Mofokeng, Nkota, Gilberto, Rasebotja, Kimvuidi, Dlamini, Mabasa
- Stellenbosch: Stephens – Mcaba, Basadien, Moloisane, Toure – Titus, Jebaar, Adams, Nduli – De Jongh, Mojela
- Ebhentshini: Masuluke – Jurgens, Mdaka, Palace, Butsaka, Onyango, Phili, Cupido, Barns