Aselande inkunzi emidwayidwa yomqeqeshi AmaZulu
- Alfred NGUBANE
Njengoba bebebaningi abaqeqeshi abanegama abebemataniswa nomsebenzi waMaZulu FC, leli qembu selimqashile omusha.
Usuthu lusale lungenamqeqeshi ngesikhathi lukhomba indlela uPablo “Cijimpi” Martin ekuqaleni kwaleli sonto.
Lokhu bekulandela ukuthi ephikwe yimiphumela, iqembu lihlulwa kuyo yomithathu imidlalo yokuqala yeBetway Premiership.
Ngaphezu kwalokho, nesizini edlule iphela leli qembu lidonsa kanzima, okwenze abaphathi babona ukuthi awukho umehluko osengeneka ngaphansi kukaMartin.
Kuke kwabalwa amagama abaqeqeshi abaphezulu ekutheni kubhekwa kubo, kwavela nokuthi AmaZulu angase abuyise uBenni McCarthy.
Kodwa iLisenethini seyihoshe umoya wokuthi Usuthu luzoqasha umakadebona u-Ernst Middendorp kulo msebenzi.
Lo mqeqeshi, owaziwa ngelikaMazinyo, usesebenze emaqenjini amaningi ehlukene kuleli kusukela afika ezocija iKaizer Chiefs eminyakeni engaphezu kuka-20 edlule.
Kuthiwa uMiddendorp usule ngoLwesine kwiCape Town Spurs abekuyo ngesizini edlule.
Ulandwe yileli qembu laseKapa ngemuva kwemidlalo embalwa, selisenkingeni yezembe.
Wangena esikhaleni sikaShaun Bartlett kodwa yize indlela iqembu elidlala ngayo ijikile, isimo asishintshanga njengoba egcine edliwe yizembe.