Ungoti wezendweba uncoma unompempe ‘odlise’ iChiefs
- Sibongiseni GUMBI
Ungoti wezokushaywa kwempempe kumabonakude, uVictor Hlunguni usecacise ngezinqumo ezimbili ezisuse umsindo ngempelasonto.
Izigameko ezimbili ezenzeke emdlalweni weKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns weBetway Premiership zishiye kukhalwa.
UHlungwani, owake waba ngunompempe kwiPSL nakwiFifa, usenqume ukuthi zombili izinqumo zikanompempe uSandile Gasa bezilungile.
IChiefs isole uGasa ngokwehluleka ukwenza umsebenzi wakhe ngendlela efanele ngemuva kokushaywa kwegoli lesibili leSundowns.
Babe nomuzwa wokuthi uLucas Ribeiro ubesendaweni engamfanele (offside) ngesikhathi ethola ibhola aligobele u-Iqaraam Rayners ukuze ashaye igoli.
“Lapha sibona ibhola elidlalwa nguRivaldo Coetzee,” kusho uHlungwani ohlelweni lwebhola likanobhutshuzwayo oluhamba phambili kuSABC 1, iSoccerzone.
“Uma sidweba umugqa siyabona ukuthi umlenze kaMiguel ubeka uLucas endaweni efanele.
“Sibona lapha u-Allende esendaweni engamfanele, u-Rayners naye usendaweni engamfanele, kodwa akulona icala lokho uma ungaphazamisi umdlalo.
“Uma kudlalwa ibhola umdlali usuka endaweni efanele (uRibeiro), uyahlasela, agobe ibhola, kungene igoli.
“Leli goli lishaywe ngendlela efanele ngokuhambisana nemithetho yebhola,” kuchaza uHlungwani.
Uphinde wachaza ukuthi uGasa wenze isinqumo esifanele sokuchitha igoli lokulinganisa elishaywe yiChiefs ngasekupheleni komdlalo.
Abaningi bebecabanga ukuthi unompempe uliphika ngenxa ye-offside kanti empeleni bekungenxa yokudlala kabi.
U-Ignacio Miguel uphushe uMosa Lebusa ngaphambi kokubhekisa ibhola ku-Edson Castillo obe eseshaya igoli.
“Siyabona uMduduzi (Shabalala) egobela ibhola ebhokisini kuMiguel, walishaya ngekhanda ibhola lagcina selingene enethini,” kwengeza uHlungwani.
“Kodwa unompempe ushaya impempe esola ukudlala kabi, kukhona ukuphusha okwenzekile.
“Impempeishaywe ngaphambi kokuthi ibhola lingene enethini.
“Umthetho uthi ‘igoli lishaywa uma ibhola ligcina lingemuva kwenethi, inqobo nje uma lingekho icala elenziwe iqembu elishaye igoli’.
“Awukwazi ukusebenzisa izandla zakho, ibhola alikuvumeli ukusebenzisa izandla. Kube necala, lokusunduza.
“Ngobufakazi esinabo, singameseka unompempe ukuthi uthathe isinqumo esifanele.”