AmaZuluEzintsha

Udliwe yimpi, lakhala kuye izembe uCijimpi 

AmaZulu FC agcine ngokumkhomba indlela umqeqeshi uPablo Franco Martin nephini lakhe u-Aitor Van Den Brule.

UMartin uhlale izinyanga ezingu-15 kuMaZulu ngemuva kokuthatha izintambo kuRomain Folz.

Lo mqeqeshi odabuka eSpain, owethiwa elikaCijimpi efika, wathi efika kuleli qembu wacela ukuthengelwa abadlali abanohlonzo.

Nokho leso sicelo sakhe saphelela eze. Isizini yakhe yokuqala ayibanga yimbi kangako, kodwa futhi ayibanga yinhle. 

Usuthu luqede ngaphandle kweTop 8, kanti le sizini liyiqale ngegiya eliphansi ludliwa kuyo yonke imidlalo. 

Lwavula ngenduku ka 2-1 kwiPolokwane City, kwalandela eka 3-1 yeKaizer Chiefs.

Ngempelasonto edlule iMarumo Gallants ikhiphe isikhwakhwalala sayo ngalo Usuthu nokube yilapho kucace khona ukuthi kukhona okumele kwenzeke.

Abazishwashwathayo babevele beke bayisho eyokuthi izinsuku zikaMartin zibaliwe kuleli qembu.

Lokhu kwaqala ukuvela ngesikhathi kuqashwa uVusumuzi Vilakazi kuthiwa uzosebenza eqenjini leDStv Diski Challenge. 

“AmaZulu FC asenqume ukuhlukana nomqeqeshi uPablo Franco Martin nephini lakhe u-Aitor Van Den Brule,” kusho iqembu esitatimendeni.

“Sithatha leli thuba ukubonga bobabili oPablo Franco Martin no-Aitor Van Den Brule ngomsebenzi abawenzile kulezi zinyanga ezingu-15 beseqenjini.

“Ukuzinikela nokusebenza ngokuzikhandla kwabo akubanga yize, futhi sibonga yonke imizamo yabo.

“Sibafisela okuhle emsebenzini wabo njengoba beqhubekela phambili nje,” kusho leli qembu. 

UMartin usebe ngumqeqeshi wokuqala kule sizini kwiBetway Premiership ukudliwa yizembe. 

KwiMotsepe Foundation Championship khona kube nguVusi Mkhatshwa weKruger United. 

Lo mqeqeshi osize leli qembu ukuba linyukele kulesi sigaba lisuka kwi-ABC Motsepe League, uzisulele yena esikhundleni ngoMsombuluko.

Naye ubephikwa yimiphumela njengoba leli qembu lisenemaphuzu amane emidlalweni emihlanu.