Riveiro: Ngeke sijike indlela esidlala ngayo kowamanqamu
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosé Riveiro, uyawavuma amandla eStellenbosch FC ngaphambi komdlalo wabo wamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
IPirates, ejaha isicoco sesithathu kulandelana, kuzomele iye ngokucophelela kulo mdlalo.
IStellenbosch, ehlule iMamelodi Sundowns ekhaya nasekuhambeni kowandulela owamanqamu, iyingozi enkulu.
Iyakwazi ukujika kade ihlaselwa, ithole ibhola qede ihlasele ngokuzumisa okusheshayo.
URiveiro uphawule ukuthi isitayela sabo sidinga ukuthi baqikelele ekutheni bazilawula ngendlela efanele izimo ezubucayi zomdlalo.
“Kufanele samukele iStellenbosch ngendlela eyiyo,” kusho uRiveiro.
Emidlalweni emine edlule yalamaqembu, iPirates inqobe kanye nje kuphela.
Lo mqeqeshi ugqamise abadlali abafana noSanele Barns, Devin Titus, noBradley Mojela njengabayingozi.
Naphezu kwenselelo enzima, uRiveiro ukholwa ukuthi iqembu lakhe lizilungiselele ngokwanele.
Ugcizelele ukuthi amaBhakabhaka ngeke abukele phansi ubungozi nokuqina kweStellenbosch.
“Siyawazi amandla abo okudlala phambili ngokushesha, futhi bayiqembu eliphezulu emiqhudelwaneni ye-PSL uma kuziwa ekucindezeleni,” kusho yena.
“Lokho ke akusho ukuthi thina ngeke sisadlala ngendlela esifuna ngayo. Siyilento esiyiyo (lokho ngeke kujike).
“Sidlala uhlobo lwebhola esiludlalayo, futhi lokho sizozama ukukwenza nakulo mdlalo wamanqamu.”