OweSuperSport akazisoli ‘ngokupha’ iPirates uMbatha
- Sibongiseni GUMBI
UThalente Mbatha usengomunye wabadlali abamqoka hhayi nje kwi-Orlando Pirates kuphela, kodwa nakwiBafana Bafana nasebholeni laseNingizimu Afrika.
Kumanje kubhekwe ukuthi abe ngumdlali wakamuva wakuleli ukuyodlala phesheya njengoba esenezesheli.
Kunamaqembu aphesheya eBelgium neCardiff City yase-England amfunayo kulandela ukwenza kahle kwakhe kwiPirates nakwiBafana.
Emidlalweni emibili edlule yeBafana, uMbatha wayitakula sekukubi eshaya amagoli umdlalo usuphela.
Wayihlenga ekuhlulweni bebhekene ne-Uganda, wabe eseyinqobisa sekuvalwe amehlo kwiSouth Sudan.
KwiPirates usengomunye wabadlali okungangabazeki ukuthi uzoba khona ohlwini lwabaqala umdlalo.
IPirates yamthola engumdlali olizwa ngendaba ijezi kwiSuperSport, yazipholishela yena njengoba esengomunye wabadlali engase yenze imali esile ngaye.
Kodwa noma kunjalo, isikhulu esiphezulu kwiSuperSport uStan Mathews uthi akukho abazisola ngakho ngalo mdlali.
“Akazange alinikwe ithuba elanele lokuzibonakalisa lapha kithi,” kusho uMathews kwabeSNL24.
“Ukuya kwakhe kwiPirates kube yinto enhle, nefike ngesikhathi esifanele empilweni yakhe.
“Ngabe akekho kwiBafana Bafana futhi ngabe azikho izesheli zase-Europe ezimfuayo ukuba uselapha kithi.
“Ngakho ngiyamjabulela ngoba ungumfana ohloniphayo nosebenza ngokuzikhandla futhi olandela igama lakhe.”
UMathews uthi yize uMbatha esemusha kwiPirates, uyaziqhenya ngaye ngoba usekwazile ukungena eqenjini eliqala umdlalo.
“Usemusha kwi-Orlando Pirates kodwa uwubufakazi bokuthi ithalente eliselincane lingenzani uma linomqeqeshi olithembayo.”
UMbatha usethubeni lokunqoba indebe yakhe yesibili nePirates njengoba bezodlala owamanqamu weMTN8 ngempelasonto.
IPirates izogadulisana neStellenbosch FC eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo. Umdlalo uqala ngo-6 ntambama.