IChiefs isimcinga naseSouth America umgadli
- Intatheli yeLISENETHINI
Ngemuva kokuhluleka ukusayinisa uFiston Mayele ngewindi lakamuva lokudayiselana ngabadlali, iKaizer Chiefs isaqhubeka nokucinga umgadli.
Kuthiwa manje isicinga ngale kwe-Afrika njengoba isinezinhloli ezizama ukuvundulula lo mgadli eSouth America.
Amakhosi abemataniswa kakhulu noMayele kanti kubikwa ukuthi bafaka isicelo sokudayiselwa lo mdlali oneminyaka engu-30 waseDR Congo.
Nokho lesi sicelo asemukelwanga yiPyramids FC yase-Egypt la enenkontileka khona lo mgadli.
Ngokubika kwePhakaaathi, iChiefs ayikadeli futhi isaqhubeka nemizamo yokuthola uMayele ngewindi likaJanuwari.
Kuvela ukuthi kungenzeka iPyramids ivume ukudayisa ngoJanuwari ngoba uzobe esesalelwe wunyaka nohhafu enkontilekeni yakhe.
Khonamanjalo, umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, kuthiwa ucele izinhloli zaleli qembu ukuthi zihlwaye umhlaba wonke, zibheke umgadli oqavile.
“IChiefs isamthungatha futhi kakhulu umgadli omusha,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Ezinye izimenenja ezivela ezwenikazi lase-Afrika abalethile abadlali bawo eqenjini, kodwa uNabi umile ngohlobo lomgadli amfunayo.
“Kungakho iChiefs seyidlulela nakwezinye izingxenye ze-Afrika naseSouth America.” IChiefs iphinde yamataniswa no-Iqraam Rayners ngaphambi kokuthi ajoyine izimbangi zayo iMamelodi Sundowns.
“UNabi ubemthanda kakhulu uRayners kwathi uma iChiefs ibuza ngaye yatshelwa ukuthi (iStellies) ifuna ukumgcina.
“Kodwa okwamangaza wonke umuntu ukuthi udayiselwe iSundowns.
“Mhlawumbe obekubekwe yiSundowns etafuleni bekukuhle kakhulu ukuthi kunganqatshwa.
“Lezi zinto ziyenzeka ngaso sonke isikhathi ebholeni.”