URiveiro uchaza ‘eyokunyamalala’ kukaNdah noSaleng
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, usephawule ngabadlali ababili okugqamile ukungabi khona kwabo emdlalweni odlule.
O-Olisa Ndah noMonnapule Saleng bebengekho eThekwini emdlalweni wakamuva weBetway Premiership neRichards Bay FC, lapho iPirates inqobe khona ngo 1-0.
Bobabili uNdah noSaleng bathole ukulimala emdlalweni la iPirates beyibhekene nePolokwane City FC phakathi nesonto elidlule.
UGilberto no-Innocent Maela yibo abathathe indawo yabo emdlalweni neRichards Bay.
URiveiro ukuqinisekisile ukuthi uNdah noSaleng bebengekho ngenxa yokulimala.
Uzwakalise ukungaqiniseki ngokuthi bazobe sebebuyile yini kowamanqamu bebhekene neStellenbosch ngoMgqibelo.
“Bobabili u-Olisa noSaleng bakhishwe ngenxa yokulimala emdlalweni odlule,” kuchaza uRiveiro.
“Lokho kuyisizathu sokuthi abekho lapha. Akunasiqiniseko esingu-100% sokuthi bazoba khona yini kowamanqamu.”
Bekunenkolelo yokuthi bobabili laba badlali – abebesefomini enhle – baphunyuzelwe owamanqamu.
URiveiro nokho ukugcizelele ukuthi ngeke aphumuze mdlali ngoba kuye wonke umdlalo ufana nowamanqamu.
UNdah ubelokhu engashintshi futhi nguye obengukaputeni selokhu kuqale isizini.
USaleng naye ube nesandla empumelelweni yeqembu njengoba lingayazi induku emidlalweni engu-11 eseliyidlalile kule sizini.
Ukudlala kwakhe kukhombisa ukuthi useyitholile ifomu eyamenza waduma kubalandeli.
Ukuthi uRiveiro udlala umacashelana mayelana nokungaqiniseki ngokuba khona kwabo kowamanqamu noma cha kuzobonakala ngoMgqibelo.
IPirates idlala neStellenbosch FC kowamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.