UNwabali ubhoboka ngokuhalelwa yiChiefs
- Intatheli yeLISENETHINI
Unozinti weChippa United, uStanley Nwabali, usekhulume okokuqala ngamahlebezi abemhlanganisa nokufudukela kwiKaizer Chiefs.
Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala odabuka eNigeria ube nomkhankaso oncomekayo kwi-Africa Cup of Nations ekuqaleni kwalo nyaka.
Usize iSuper Eagles ibuyise isithunzi sayo njengoba igcine ilale isibili ngemuva kokuhlulwa kowamanqamu.
Ifomu yakhe encomekayo iqhubekile kwiChippa United, lapho engangenelwanga khona goli emidlalweni engu-11 kuyo yonke imiqhudelwano.
Lokhu kuqubule isasasa emaqenjini akuleli nawangaphandle okubalwa kuwo naMakhosi aseNaturena.
UNwabali uvumile ukuthi nakuba ebewazi lama hlebezi, awazange amphazamise kakhulu.
Ufunde ukwazisa ukubaluleka kwakhe njengomdlali yize engazange esalithola ithuba lokuyothola inselelo entsha kwelinye iqembu.
“Angizange ngithinteke ngempela ngokwenzekile,” kusho uNwabali kwi-iDiski Times.
“Izimo ezinjalo ziyafika ziphinde zidlule, kodwa kubalulekile ukuthi ungalahlekelwa ubuwena njengomdlali webhola lezinyawo.”
Uveze ukuthi kuke kwanezikhathi lapho abekholwa ukuthi uyalishiya iqembu, kodwa wagcina esehlala kwiChippa United.
KuNwabali, lokhu akuzange kushintshe indlela azinikela ngayo noma kuphazamise umqondo wakhe.
Njengoba isizini iqhubeka, uNwabali usazibophezele kwiChippa United futhi usaqhubeka nokugxila ekudlaleni kwakhe enkundleni.
Kubikwa ukuthi iChiefs ibinentshisekelo kodwa yabuye yahoxa kulo nozinti waseNigeria.
UNwabali usengumdlali obalulekile kwiChippa United, ebheke ngabomvu impumelelo eyengeziwe kule sizini.
IChiefs igcine iqoke uFiacre Ntwari obekwiTS Galaxy ngesizini edlule nosekunguye isethenjwa epalini ngaphansi kukaNasreddine Nabi.
Umphathi weChippa, uSiviwe Mpengesi, usanda kuveza ukuthi wayezodayidayisela ngemali encane kakhulu kunaleyo abayikhiphe ngoNtwari.