Sekubulawe ngesihluku omunye owayedlala kwiBafana
- Intatheli yeLISENETHINI
Sekuvele izindaba ezibuhlungu zokuthi owayengumgadli weBafana Bafana, u-Alton Meiring ushone ngesihluku.
KUbikwa ukuthi ushone ngemuva kokugwazwa ngesihluku, kodwa imininingwane egcwele ngalesi sigameko ayaziwa okwamanje.
Lo mdlali wakudala obeneminyaka engu-48 ubudala wadlala kabili kwiBafana Bafana ngezikhathi zakhe.
UMeiring uphinde wadlalela amakilabhu ambalwa aphezulu. Kuwo kukhona iMamelodi Sundowns, iMoroka Swallows, iJomo Cosmos, iGolden Arrows, neHellenic.
Ngemuva kokuthatha umhlalaphansi eminyakeni cishe eyishumi edlule, uMeiring ubesaqhubeka nokufaka isandla ebholeni.
Usebenze njengomqeqeshi wezikhungo zokuthuthukisa amakhono kubadlali abasebancane emaqenjini ahlukene.
ILusa Africa, lapho uMeiring abesebenza khona ngaphambi kokushona kwakhe, iziqinisekisile lezi zindaba ezibuhlungu.
“Kungezinhliziyo ezibuhlungu ukuthi siqinisekisa ukudlula emhlabeni komqeqeshi u-Alton Meiring,” le kilabhu isho kanje ngeSonto.
“Ubengumsekeli omkhulu weqembu lethu. Usize amaqembu amaningi kumasizini ambalwa edlule.”
Lokhu kwakuhlanganisa ukusiza kubadlali abancane, abadala, ngisho neqembu labesifazane.
“Sibonga ulwazi nosizo lwakhe. Sicela nibeke umndeni wakhe emithandazweni yenu.”
Umphakathi webhola ukhala ngokulahlekelwa umdlali nomqeqeshi ozinikele.
Amagalelo ka-Alton Meiring azohlezi ekhumbuleka ebholeni laseNingizimu Afrika.
Ukushona kukaMeiring kulandela eduze okukaLebogang Morula odutshulwe wabulawa ngo-Agasti.