AmaqembuEzintsha

IGallants necala lokwephulwa kwezinkontileka zabeSwallows

Abanye babasebenzi nabadlali abebekwiMoroka Swallows basembangweni neMarumo Gallants ngokwephula kwezinkontileka zabo.

ISwallows idayisele iGallants isitifiketi sayo sokudlala kwiPremier Soccer League (PSL), okuvulele le kilabhu isango lokubuyela esigabeni esiphezulu.

Manje iSABC Sport ibika ukuthi nakuba isigungu esiphezulu sePSL sisigunyazile lesi sivumelwano, abanye abasebenzi nabadlali basale dengwane. 

IGallants bekumele ithathe ifa lazo zonke izinkontileka ezikhona, kodwa lokho akwenzekanga kwabanye.

Sekunamadokhumenti afakwe kwiPSL’s Dispute Resolution Chamber (DRC) ukuze iphume nesixazululo kulolu daba. 

Abanye babadlali okubalwa kubo uTshediso Patjie, uTumelo Mangweni, noMbulelo Wambi bamelwe yiSA Football Players’ Union (SAFPU). 

Yize uPatjie esejoyine iKruger United, udaba lokwephulwa lwenkontileka yakhe lusaqhubeka.

IGallants kumanje seyidlale imidlalo emithathu kwisizini entsha futhi seyithuthele eBloemfontein. 

I-DRC iyalibuyekeza leli cala, kodwa akucaci ukuthi lolu hlelo luzothatha isikhathi esingakanani.