EzintshaMamelodi Sundowns

UMngqithi ulishaye selopha ‘ebhuqa’ abeChiefs 

UManqoba Mngqithi ulishaye selivele lopha lopha ikhanda kubalandeli beKaizer Chiefs.

Lo mqeqeshi weMamelodi Sundowns uhole ezakhe ziphendula Amakhosi iminqolo ngokuwashayela ekhaya phambi kwabalandeli bawo.

ISundowns inqobe lo mdlalo ngo 2-1 wamagoli oLucas Ribeiro no-Iqaraam Rayners. 

EleChiefs lishaywe uRanga Chivaviro. Nokho igoli leSundowns lisuse ukukhuluma njengoba abanye bethi bekunosizila we-offside kulo. 

Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo obuseFNB Stadium ebigcwele phama, uMngqithi ubongele abalandeli beChiefs. 

Ubancome ngokuphuma ngobuningi babo, wathi yize umphumela ungabavumanga, kodwa baphume nokuthile. 

“Siyabonga kubalandeli bethu abaphume ngobuniningi ukuzoseseka,” usho kanje kwabeSuperSport TV. 

“Ngeshwa kubalandeli beChiefs, nabo bafike ngobuningi, siyakubonga nalokho.

“Yize-ke umphumela bengawutholanga, kodwa okungenani bebenabalandeli abaningi.

“Futhi bazophindela ekhaya bephethe amafulegi amahle – ngiwathandile lawa mafulegi. Ngiyabonga.”

Amafulegi abebabhuqa ngawo ngawabaxhasi beChiefs iVodacom abenikwa abalandeli uma bengena enkundleni. 

Ngokwezibalo zabalandeli enkundleni, akungabazeki ukuthi abebebaningi ngabeChiefs.

Futhi bese kungokwesithathu kusukela kuqale isizini iChiefs idlala enkundleni egcwele phama.

Yagcwalisa iFree State Stadium ibhekene neMarumo Gallants emdlalweni wayo wokuqala emasontweni amabili edlule.

Iphinde yenza okufanayo ibhekene naMaZulu FC eMoses Mabhida Stadium phakathi nesonto.