UKhanye uveza isinongo esishoda kwiBucs
- Sibongiseni GUMBI
UJunior Khanye ukholwa ukuthi i-Orlando Pirates ishoda ngesithako esibalulekile yize ibonakala isefomini enhle futhi idlala kahle.
Lo mdlali owake wadlala kwiKaizer Chiefs, osengumhlaziyi ozimele, uthi iPirates idinga ukuthola uNombolo 6 ukuqinisa iqembu layo.
UKhanye uphakamisa ukuthi uBongani Zungu nguyena okufanele asayinwe amaBhakabhaka uma efuna ukuqhubekela phambili kwiCaf Champions League.
IPirates isanda kungena esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League okokuqala ngqa eminyakeni emihlanu.
Ihlule iJwaneng Galaxy yaseBotswana ngo 1-0 emlenzeni wesibili, yanqoba ngo 3-0 sekuhlanganiswe yonke imidlalo esigabeni sokuhlunga.
Nokho uKhanye usalokhu egxeka indlela abadlala ngayo. Akazange ahlabeke umxhwele ngabadlali abakhona njengamanje abadlala uNombolo 6.
Uphume iqhubu noMakhehleni Makhaula, akholwa ukuthi akakwazi ukulawula umdlalo futhi akazethembi.
UKhanye ukholwa ukuthi uZungu, naphezu kweminyaka yakhe, usengaba nomthelela omkhulu.
UZungu utholakala mahhala njengoba ashiya kwiMamelodi Sundowns, kanti uKhanye ugcizelela ukuthi iminyaka akumele ibe yisithiyo.
“Khohlwa iminyaka. Uma umdlali emuhle, muhle. Ikhwalithi iyohlezi iyikhwalithi nje,” kusho uKhanye kwi-iDiski TV.
Ukholwa ukuthi isitayela sikaZungu sokudlala sigxile kakhulu eminyakazweni yokuhlasela, singayizuzisa lukhulu iPirates.
UKhanye uphinde waphakamisa ukuthi iPirates icabange ukusayinisa umuntu ofana noKamohelo Mokotjo, omunye umdlali wasesiswini ongesabi noshaya amaphasi ahlakaza udonga lwasemuva.
Ubonge abaqeqeshi abafana noRulani Mokwena noPitso Mosimane ngokuthuthukisa amakhono kaZungu.
“Amaphasi akhe aya phambili afana nalawo kaNombolo 10. Ulisa phambili ibhola kunamaceleni noma emuva,” kwengeza uKhanye.
KuKhanye, ikhono likaZungu lokudlala amabhola anqamula inkundla yikho kanye okudingwa yiPirates.
Ukholelwa ekutheni iPirates idinga abadlali abafana noZungu ukuthi iqhubekele phambili kwiChampions League.
Yize iPirates isaqhubeka nomkhankaso wayo, uKhanye ugcizelela ukuthi ukwengeza umdlali wasesiswini osezingeni eliphezulu kubalulekile.
Ngokubona kwakhe, ukusayinisa uBongani Zungu kungase kuzishintshe zibe nzima kakhulu lezi zinkunzi zaseSoweto.