U-Appolis akaxhukule neze, kusho owePolokwane
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi wePolokwane City, uPhuti Mohafe, ukholwa ukuthi u-Oswin Appollis akazange athinteke kakhulu ngenxa yokungaphumeleli kwesifiso sakhe.
Yize bekunamaqembu abemfuna, okubalwa kuwo i-Esperance, iMC Alger, iKaizer Chiefs, neMamelodi Sundowns, lo mdlali ugcine ehlale kwiPolokwane City.
U-Appolis uke wazithola esebunzimeni ngesikhathi ephelelwa yinkontileka kwiSuperSport United.
Uhlale izinyangana engenaqembu ngaphambi kokujoyina iqembu elidlala esigabeni sesibili iPretoria Callies.
Ukudlala kahle kwakhe lapho kumenze wadlulela kwiPolokwane City, lapho aphinde wadlala kahle, waheha amehlo amanye amaqembu.
Ukwenza kahle kwakhe kuphinde kwaholela ekutheni abizelwe eqenjini lesizwe, lapho asize khona iBafana iphuma isithathu kwi-Africa Cup of Nations ka-2023.
UMohafe uyayivuma intshisekelo yamanye amaqembu ku-Appollis kodwa ugcizelela ukuthi lo mdlali unesibopho sokuqhubeka nokwenza kahle kwiCity.
“Ngicabanga ukuthi akumthinti kakhulu ngokwengqondo,” kusho uMohafe.
“Uyazi ukuthi unenkontileka nePolokwane City futhi kumele enze kahle kuyo yonke imidlalo.”
Lo mqeqeshi ukholwa ukuthi uma u-Appollis eqhubeka nokwenza kahle, intshisekelo yamakilabhu aphezulu izohlala iqinile.
“Ukuze agcine lawo makilabhu enentshisekelo, kumele asebenze enkundleni,” kwengeza uMohafe.
Uphinde wagqamisa ukubaluleka kokudlala ngokuzimisela ngaso sonke isikhathi ukuze u-Appollis ahlale eqenjini lesizwe.
“Ukuze ahlale eqenjini lesizwe kumele adlale kahle kwiPolokwane City.”
Selokhu ejoyine iPolokwane City esuka kwiCallies ngoJulayi kq-2023, u-Appollis ube ngumdlali obalulekile eqenjini.
Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala useshaye amagoli ayisikhombisa futhi waba nesandla ekushayweni kwamagoli amahlanu emidlalweni engu-33.
Amagalelo akhe amenze waba ngomunye wabadlali abavelele eqenjini, futhi usaqhubeka nokudonsa amehlo amanye amakilabhu.
Naphezu kokuthi isifiso sakhe sokuyozihlola ezingeni elithe xaxa, u-Appollis usagxilile emsebenzini wakhe kwiPolokwane City.