Bafana BafanaEzintsha

U-Anderson usola awePSL ngesimo sonozinti kuleli

UMark Anderson, oyinkakha yeMamelodi Sundowns uyakhala ngokwehla kwezinga lonozinti bakuleli.

Utshele iLisenethini ukuthi ukwehla kwezinga lonozinti bakuleli kudalwa ukunganikwa ithuba emaqenjini abawadlalelayo kwiBetway Premiership. 

Ukuthi iNingizimu Afrika iluhlaza konozinti kuvele ngesikhathi kulimele uRonwen Williams engekho kwiBafana. 

UVeli Mothwa wavele washaya amafambu anzima, kwaze kwadlaliswa uSipho Chaine emdlalweni olandelayo. 

Emaqenjini angu-16 eBetway Premiership, ayisishiyagalombili kuphela asebenzisa onozinti bakuleli. 

Nakhona ababili kubo basavimba ngoba onozinti okuyibo abayizethenjwa basalimele kanti abangaphandle. 

“Bakhona onozinti kuleli kodwa badinga ukunikwa isikhathi ngamaqembu abawadlalelayo,” kusho u-Anderson.

“Uma ngikhumbula ukuthi u-Andrew Arendse, uJohn Tlale, uBrain Baloyi, uPaul Evans, uRowen Fernandes, u-Emille Baron, u-Itumeleng Khune, noRowen Williams basinike lokhu esikudingayo.

“Lokho kuchaza ukuthi bakhona onozinti kuleli,” kuqhuba u-Anderson.

UMark Anderson wayibamba kwi-Arcadia Sheppards, Pretoria Callies, Mamelodi Sundowns, Umtata Bush Bucks, Hellenic, neSantos.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMark Anderson wayekhona eqenjini leBafana Bafana lokuqala eladlala neCameroon, neNigeria ngo-1992 nango-1993.

UMark Anderson ubalwa konozinti abahamba phambili emlandweni weMamelodi Sundowns.