DStv PremiershipEzintsha

Ziyemuka nezidindi abebambelele ngazo uMalesela

Sekungenzeka uDan Malesela abe ngumqeqeshi wokuqala ukukhonjwa indlela kule sizini yeBetway Premiership. 

Ukushaywa imidlalo yokuqala emithathu kulandelana yinto ezokwenza abaphathi beMarumo Gallants baqale ukucabanga ngenye indlela. 

Izinto zibukeka zingamvumi nhlobo uMalesela yize iqembu lakhe libuye lidlale kahle futhi lakhe amathuba amahle. 

Kodwa emidlalweni emithathu basashaye amagoli amabili njengoba bephela yinduku. 

Bavule ngenduku ka 2-1 yeKaizer Chiefs besekhaya, babuya lapho bazothola eka 2-0 kwiGolden Arrows. 

Namuhla, ngoLwesibili, baphile baphela yinduku beshaywa yiMamelodi Sundowns ngo 4-1. 

Lo mdlalo bewuseLoftus Stadium kanti iSundowns ayizange izivumele izivakashi ukuthi zilawule umdlalo njengoba zojwayele ukwenza. 

Kuyiwe ekhefini iSundonws seyivele ihamba phambili ngo 2-0 wamagoli oTashreed Mathews no-Iqraam Rayners. 

ULucas Ribeiro wengeze elesithathu, kwase kuthi uSiphelele Mkhulise ube eseshaya elesine.

UGabadinho Mhango, oshwebe iphenathi umdlalo sewuya emaphethelweni, ubuye wageza igama eshaya elokubika ekhaya.