Ezintsha

Kuthomba ukhiye kuMalesela ngemiphumela kwiGallants

Umqeqeshi weMarumo Gallants, uDan Malesela, ukhungathekile ngemuva kokuhlulwa kabili kulandelana kwiBetway Premiership. 

Ukuhlulwa kushiye isithombe sokuthi leli qembu lakhe lididekile, liyadwanguza nje. 

IBahlabane Ba Ntwa ibimagange ukuthola iwini yayo yokuqala kule sizini ngemuva kokuhlulwa yiKaizer Chiefs kowokuqala. 

Nokho yize ibiwulawula umdlalo ibhekene neGolden Arrows, kodwa igcine ihlulwa ngo 2-0 ngoMgqibelo.

UMalesela usale ethukuthele ngemuva komdlalo, engazi ukuthi yini le evimba ukuthi bathole umphumela. 

“Kuyadumaza ngoba lokhu akubonisi esikwenzayo emkundleni,” kusho lo mqeqeshi.

“Noma ubani obukela engaphandle uzocabanga ukuthi iMarumo ithwele kanzima. 

“Kodwa lokhu akusikho lokho esiyikho,” kuqhuba uMalesela.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe iqembu alinabo yini abagadli abakwazi ukushaya amagoli, uMalesela ukuphikile lokhu. 

Ugcizelele ukuthi ukushaya amagoli akuwona nje umsebenzi wabagadli. 

“Abantu bahlale bekhuluma ngabagadli abadinga ukushaya igoli, kodwa kuthiwani ngabanye abathola amathuba? 

“Akuwona umthwalo womgadli kuphela,” kuchaza uMalesela. 

Usebenzise u-Erling Haaland njengesibonelo, ethi yize uHaaland eshaya amagoli amaningi, abanye abadlali beManchester City nabo bayasifaka isandla. 

“Ususa amagoli eHaaland, nabanye abadlali basawashaya amagoli. Wonke umuntu kumele asebenzele ukushaya amagoli,” kwengeza lo mqeqeshi.

UMalesela uzwakalise ukudideka kwakhe ngokubuya elambatha yize iqembu belidlala kahle kakhulu. 

“Uma utshela umuntu ongawubukanga umdlalo ukuthi besiwuphethe, ngeke akukholwe ngoba ubheka umphumela,” usho kanje. 

Akanaso isiqiniseko sokuthi iqembu lilinde ukuvuswa yini ngaphambi kokuthi liqale ukunqoba imidlalo. 

“Angazi noma silinde ukuvuswa ngomlilo ukuze sifune ukunqoba,” kuphawula uMalesela.

Lo mqeqeshi ukholwa ukuthi indlela yokudlala yeqembu kufanele ibe nemiphumela engcono. 

IGallants ifuna izimpendulo futhi idinga ukuguqula izinto zayo ngokushesha. UMalesela, onokhondolo olubi lokudlala ibhola elihle kodwa aphikwe yimiphumela, kumele ajike izinto ngokushesha.

Uma lokho kungenzeki, engaba ngumqeqeshi wokuqala ukukhonjwa indlela kule sizini. 

Inselelo yakhe elandelayo ngumdlalo othokozisayo weBetway Premiership la bebhekene khonaneMamelodi Sundowns. 

Lo mdlalo ungoLwesibili kanti uqala ngo-5.30 ntambama eLoftus Stadium, ePitori.